NGEKE baye ePhalamende oMnuz Malusi Gigaba noNksz Baleka Mbete emuva kokuthi bekhiphe amagama abo ohlwini lwamalungu e-ANC azoqala ukusebenza ePhalamende namuhla.
UMnuz Pule Mabe okhulumela i-ANC kuzwelonke ukuqinisekisile ukuthi uGigaba noNksz Mbete abayi ePhalamende namhlanje ngoba bazisulele bona ohlwini.
Akazange anikeze izizathu zokusula kwabo ohlwini lwamalungu e-ANC aya ePhalamende kodwa uvele wathi kulungisiwe konke okunye emuva kokuvuleka kwezikhala zabo.
Okuphawulekayo wukuthi uGigaba noNksz Mbete bebengekho emhlanganweni wamalungu e-ANC njengoba ebehlangane kwikhokhasi yawo noSihlalo wekhokhasi uNksz Pemmy Majodina.
Isazi sepolitiki uMnuz Xolani Dube sithe akukho okushaqisayo ngokushiya kowayenguSomlomo wePhalamende uNksz Mbete ngoba wayeshilo ukuthi angase angabuyi.
“UNksz Mbete uzisulele ngokuthanda kwakhe ngoba kade waba sePhalamende. Ubengasathandi ukuba kulona.
"Akanalo ugcobho, asikaze sizwe igama lakhe ezindabeni zenkohlakalo.
"Usule ngoba efuna ukuzenzela izinto zakhe,” kusho uDube.
Uthe uGigaba bekungeke kumsize ngalutho ukubuyela ePhalamende ayohlala emabhentshini asemuva ngoba useke waphatha izikhundla eziphezulu.
“Ngiyacabanga uye wabheka imihlomulo etholwa abantu ababewongqongqoshe engibala kuyo impesheni wabona ukuthi makasule.
"Kungenzeka nokuthi ingcindezi abeyithola emphakathi ibisizwela kuyena futhi ne-ANC ingasamvikeli,” kusho uDube.
Uthe akusho ukuthi sekuphelile ngoGigaba kwipolitiki ngoba unjengenqama, usahlehla kancane ukuze athathe amandla.
“Usemncane uGigaba. Kungenzeka ukuthi ufuna ukuzithuthukisa ngoba akakaze alahlwe yicala ngendlela aziphethe ngayo. Kufanele sikhumbule ukuthi noMengameli Cyril Ramaphosa wayesolwa ngokubulala abavukuzi abawu-34 kodwa akazange alahlwe yicala enkantolo nakwikhomishini eyayiphenya lolu daba. Ngakho noGigaba akukho obekuphoqa ukuthi ehle, uzehlele ngokuthanda kwakhe,” kusho uDube.
Uthe abanye abaholi be-ANC abanogcobho kuzoba kubona ukuthi bayasula noma bayaqhubeka.