IGWETSHWE udilikajele inyanga yaseGcilima, eMargate eyabanjwa oqotsheni idayisela iphoyisa izicubu zomuntu izitshela ukuthi liyinyanga.
UMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi obuye azibize ngowakwaXolo (34) nomsizi wakhe uNkk Khanyisile Winnie Khusi (46) bagwetshwe ukudilikelwa yijele, yinkantolo eNkulu yaseMgungundlovu izolo ngokubulala uMxolisi Langazana, ngonyaka odlule.
Bobabili uNgidi noNkk Khusi bavumile ukuthi babulala uMxolisi.
UNkk Natasha Kara okhulumela iNPA KwaZulu-Natal, uthe isitatimende sokuvuma icala esibhalwe yilaba ababili sithi uNgidi watshelwa ngenye inyanga ayibiza ngoThemba ukuthi uma efuna ukuba namandla amakhulu okwelapha kumele abulale umuntu. Uqhuba athi lolu daba waluxoxela unkosikazi wakhe, izintombi ezimbili noNkk Khusi wabacela ukuthi bamsize.
Ngemuva kokumbulala bathi bamba umgodi bamngcwaba esigodlweni sakhe uNgidi. Ngemuva kwezinyanga ezimbalwa babuye bamumba, ezinye izicubu zakhe bazifaka ebhodweni.
FUNDA: Iphila saka inyanga eyabanjwa idayisa izicubu zomuntu
UNgidi kulesi sitatimende uthe waboshwa esendleleni elibangise kule nyanga eyayimcebise ngokuthi abulale umuntu ayibiza ngoThemba.
Ummeli woMbuso u-Advocate Mbongeni Mthembu uthe isenzo sikaNgidi singubulwane obuhambisana nedimoni. Uthe umufi wabulawa ngenhloso futhi kuhleliwe.
Umqondisi wabashushisi KwaZulu-Natal, u-Advocate Moipone Noko usishayele ihlombe isigwebo esitholwe uNgidi noNkk Khusi. UNkk Thandeka Khusi uninakhulu kaMxolisi uthe uyasamukela isigwebo esitholwe uNkk Khusi noNgidi kodwa wathi basakhathazekile ngokuthi abazi ukuthi amathambo atholakala emzini wenyanga yiwo yini awomzukulu wakhe.
“Bekusekuningi esifisa ukukwazi ngalolu daba njengokuthi ngubani owahambisa umzukulu wami enyangeni, ngoba siyezwa ukuthi kukhona owayehamba naye. Ngokwethu besifuna ukuthi inyanga iqedele umsebenzi wayo ngokuthi amathambo uma etholakala iwangcwabe ngesizotha."