IPHILE saka inyanga yaseGcilima eyabanjwa oqotsheni idayisela iphoyisa izicubu zomuntu izitshela ukuthi liyinyanga.
Umbiko wokuhlolwa kwengqondo kaMnuz Sibusiso Phumlani Ngidi (34) oyinyanga noNkk Khanyisile Khusi okuthiwa wayebenzisana naye ukhomba ukuthi laba ababili baphile saka bangakwazi ukumelana necala abethweswe lona.
UNgidi noNkk Khusi okuthiwa ubesebenza emzini wale nyanga babesebenzisana ngesikhathi kubulawa uMxolisi Langazana (17) owaduka kubo nyakenye wabonakala emzini wale nyanga. Kuthiwa le nyanga yatshela amaphoyisa ukuthi uMxolisi yambulala isizwa uNkk Khusi isidumbu sakhe yasigqiba esigodlweni sayo.
Laba ababili bebevele enkantolo yemantshi eRamsgate izolo, inkantolo yatshelwa ukuthi abaphazamisekile ekhanda, uma bethanda bangasifaka isicelo sebheyili.
Ummeli wabo uNkk Fikisiwe Cele uthi bobabili abamangalelwa bathe abanaso isifiso sokufaka isicelo sebheyili okwamanje.
“Okwamanje bathe basafuna ukuhlala ngaphakathi ezitokisini ngoba umphakathi usathukuthele, ukuphuma kwabo bakholwa ukuthi kungasusa uthuthuva, ” usho kanje.
Umbuso ube sewengeza amacala owabeka uNgidi. Phambilini uNgidi ubebhekene necala lokubulala okuthiwa balenza bobabili, elokutholakala nezicubu zomuntu nelokuphazamisa amathuna. Izolo umbuso wengeze amanye amacala amabili okungelokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokukhomba umuntu ngesibhamu.
Ngemuva kwalokhu imantshi uNkk Elize Coetzer uthe idokodo lecala lizohanjiswa kumshushisi omkhulu, okunguye okumele athathe isinqumo sokuthi ngabe leli cala kumele liqulwe enkantolo yesifunda noma enkantolo enkulu. Ube eselihlehlisela uNovemba 28.