INTATHELI YESOLEZWE
OWAYENGUSIHLALO wesikhashana webhodi lakwaPrasa, iJaji Nana Makhubele, usenxuse ikhomishini ephenya ngokulawula koMbuso yidlanzana ukuba abuyele ezothula ubufakazi ngesinye isikhathi njengoba abameli bakhe bengakakulungele ukubhekana nodaba.
UJaji Makhubele izolo bekulindeleke ukuthi afakaze ngezinsolo zokungenzi kahle ngesikhathi ephethe isikhundla njengoba kunofakazi abaveze igama lakhe.
Ummeli wakhe omusha, uMnuz Mxolisi Nxasana, uthe uthole umyalezo ngecala ngoMsombuluko odlule, kwabe sekugcizelelwa ukuthi udaba luyoze lulungele ukuba lwenziwe ngoSepthemba.
UJaji Makhubele kwakumele azofakaza ngenyanga edlule kodwa ummeli wakhe wathi wayesaba emuva kokuba eqhunyelwe isondo lemoto esuka eLimpopo eya ePitoli.
NgoJulayi 24 uSihlalo wekhomishini iJaji Raymond Zondo, wakhipha umyalelo ukuba uJaji Makhubele alethe izincwadi ezifungelwe ngodaba oluthinta ukuphatha kwaPrasa. Wakhipha nomyalelo ukuba azofakaza izolo.
UJaji Makhubele usolwa ngokusebenzisa isikhundla sakhe ukuphoqa ukuba kukhokhelwe izinkontileka ezingacacile.
Ohola ubufakazi u-Advocate Vas Soni, ngoLwesihlanu wathi akukho abakuthola kubameli bakaJaji Makhubele ngoLwesithathu, kwathi ngoLwesine bathola incwadi efungelwe ivela kuye ngqo, ingaveli kubameli bakhe.
UNxasana uthe ijaji uMakhubele lisadinga isikhathi lithole ummeli omkhulu ozolimela.