OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Jacob Zuma, uzoma kancane ukubilisa itiye lezivakashi aphuthume eNkantolo eNkulu eMgungundlovu ngoLwesibili, maqondana namacala enkohlakalo.
UZuma ubuyela enkantolo nje, kuphela iminyaka emithathu asula esikhundleni ngo-2018 Febhuwari, edilizwa yisigungu esiphezulu se-ANC kuzwelonke. Ngenyanga ezayo kuphela iminyaka emithathu kwavuselelwa amacala akhe enkohlakalo yokuthengwa kwezikhali.
Uya enkantolo nje, uvele usematheni njengoba kunomdonsiswano phakathi kwakhe nekhomishini ephenya ukugwamandwa kwamandla ombuso yidlanzana.
Kulindeleke ukuthi uZuma avele enkantolo ehambisana nabamele iThales, edayisa izikhali nokusolwa ukuthi yayimgwazela futhi kuthiwa umvunisi owabuya nengqobe wuMnuz Schabir Shaik, owagcina egwetshiwe.
Udaba lugcine enkantolo ngoDisemba 8 wonyaka owedlule lapho kwavela khona abameli kuphela uZuma engekho egunyazwe yinkantolo. Kwafika kwavunyelwana ngokuthi udaba aluhlehle ngenxa yokuthi kwakulindwe umphumela wenkantolo ngesicelo seThales, sokuchithwa kwamacala.
Ngenyanga edlule inkantolo ikhiphe isinqumo ichitha isicelo seThales, nokusho ukuthi kufanele iye ebhoksini labasolwa. Okunye okwahlehlisa icala wukuthi kunzima ukuthi ofakazi abahlala phesheya bakwazi ukuhamba ngenxa yemigomo yeCovid-19.
Kuke kwavela nokuthi kufanele kutholakale incwadi egunyaza ukuqala ukuqulwa kwecala. Yonke le micilikishi kulindeleke ukuthi kuxoxwe kuqedwe ngayo ngoLwesibili, bese kuvunyelwana ngosuku lokuqala lokuqulwa kwecala.
UZuma uzovela ngoLwesibili nje, kanti ngoLwesihlanu kade kuyinto efanayo kuNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Ace Magashule, obhekene namacala enkohlakalo eNkantolo yeMantshi eBloemfontein. Bobabili oZuma noMagashule balandelwe amacala sebephumile ezikhundleni njengoba noMagashule awakhe asukela ngesikhathi esengundunankulu waseFree State.