USEPHILA ngokunabukeliswa udadewabo owesifazane ohambe eyobeletha esibhedlela saseMlaza, wabuya esezichamela. UNksz Nqobile Ncube (22) wase-Adams, wangena esibhedlela iPrince Mshiyeni Memorial ngoDisemba 18 esikwa kodwa umhlengikazi owayemsiza wabhala ukuthi uneCovid -19, kwabambezeleka ukuteta kwakhe. Emuva kwalokho wahlaliswa ngayedwa egumbini eliseceleni, wasikwa waze waqala ukubeletha engekho omsizayo.
UNksz Ncube uthe waze wasizwa umhlengikazi owayesephuma emsebenzini wamtetisa, emkhulekela ngenxa yesimo esase sibucayi. "Ngaqale ngathukwa unesi owangena ezongixhuma ipayipi lokuchama wathi ngingamthinti ngizomthelela ngeCovid-10. Ngamtshela ukuthi angikakaze ngibe neCovid-19, ngike ngaba nomkhuhlane ngikhulelwe ngingakasikwa kodwa awusangiphethe. Ngafakwa into ekhaleni nakhona bangayiletha imiphumela kwalokhu kuthiwa ngineCovid-19 kusho onesi kodwa odokotela bephika," kusho uNksz Ncube.
Eqhuba uthe akugcinanga lapho, wathathwa nengane wayofakwa ewodini egcwele iziguli ezineCovid-19 usuku lonke. Udokotela owafika ewodini wathetha, wathi akanalutho akakhishwe ayekhaya. "Batatazela bebona ambize ngoDkt Dlamini, emuva kwalokho bayongivalela ngedwa nengane kwathiwa ngingavuli umnyango. Ngahlala kwaze kwaba uDisemba 22 nginganikwa ukudla, ngingagezi nengane ngiphila ngamanzi. Uma ngilunguza, ngicela ukusizwa ngoba bengizichamela bangithuke onesi bathi ngizobathelela ngeCovid-19 ," kusho uNksz Ncube. Echaza ngokuzichamela uthe wayezitshela ukuthi kwenziwa ukuthi ubephila ngamanzi engadli kanti akazi ukuthi mkhulu umonakalo esithweni sakhe sangasese.
"Ngiphila ngokuzichamela kuphuma kakhulu, nasemtholampilo ngifike ngabachazela bangibheka bathi ngiqhume kakhulu kwalimala ipayipi lomchamo yikho usuziphumela. Okubuhlungu nekhadi lengane bese kubhalwe ukuthi sine-HIV, wathuka unesi ngoba ubehlala engihlola ngisaxukuza. Baqale phansi bathola ukuthi anginayo," kusho uNksz Ncube. Udadewabo uNkk Siphindile Cele, uvele wacweba izinyembezi wathi udadewabo ucekelwe phansi yilesi sibhedlela. "Samlanda esibhedlela enuka nengane kade enganikwa nokudla bengagezi. Safike sabagezisa kanti asikaboni lutho umuntu useyazichamela. Kunzima sindlala manje kube manzi ngesikhathi. Siyafisa ungqongqoshe ayazi lento eyenzeka eMshiyeni," kusho uNkk Cele.
Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natali uNtokozo Maphisa uthe: “Ngokwemigomo yezeMpilo ngeke sakwazi ukudalula imininingwane mayelana nokugula kwesiguli ngoba lokho kuphakathi kwesiguli nodokotela. Ngokwabaphathi besikhungo esithintekayo bayasazi isiguli kanti bayalucubungula lolu daba, futhi kuyimanje sekuhlelwe umhlanganao phakathi kwesiguli nesibhedlela ozokuba khona lingakapheli leli sonto esikulo, ukuze kuxoxiswane kabanzi ngezinkinga isiguli esingagculisekile ngazo”