UMNUZ Angelo Agrizzi owayebhekelele ezokukhangisa eBosasa Facilities Management uthi eminyakeni ewu-17 ayisebenze khona kwakungathi uyilungu lenhlangano elikholelwa entweni ethile.
U-Agrizzi ubethula ubufakazi kwikhomishini yeJaji uRaymond Zondo ephenya ukusetshenziswa kombuso yidlanzana.
Uthe wayesebenzisana kakhulu nesikhulu esiphezulu saseBosasa, uMnuz Gavin Watson, ngesikhathi efika kule nkampani ngo-1999 isabizwa ngeDyambu Holdings.
Kuthiwa uWatson wayenobudlelwano obuhle nezikhulu ze-ANC ngoba umndeni wakhe wawungahambisani nobandlululo.
U-Agrizzi uthe uWatson wasebenzisa ubudlelwano bakhe ukuthola inkontileka yokupheka eGold Fields.
Uveze ukuthi uWatson wamnika umsebenzi onayo yonke into ayeyidinga wase eshiya enkampanini ayeyisebenzela eyayincintisana neDyambu iMolope Foods.
Uthe ngesikhathi eshiya eMolope Foods wayematasa elungisa inkontileka neNational Union of Mineworkers (NUM) neGold Fields eyayizophekela abantu abahlala enkompolo yaseGold Fields.
“Ngashiya eMolope sengizolungisa inkontileka yokupheka ngayosebenzela iDyambu eyayincintisana neMolope. UWatson wayengithemba ngisho ngemininingwane eyimfihlo futhi wangitshela ukuthi wayesiza amaqabane eNUM ngokuwangcwabela nezinye izindleko. Kodwa ngathola ukuthi amaqabane eNUM ayekhokhelwa ukuthi eseke iDyambu ukuze ithole amathenda eGold Fields,” kusho u-Agrizzi.
Uthe wayekhona ngesikhathi uWatson ekhokhela uMnuz Jackson Mafika, osewashona, emayini yegolide iKloof ukuze aseke inkampani yakhe.
UMafika wayewuSotswebhu we-ANC kumasipala iWestonaria futhi eyinhloko yeNUM endaweni.
Uthe imali yayihanjiswa ngezikhwama uma sekufunwa amathenda.
Uthe ngesikhathi uMafika ehanjiselwa imali iDyambu yayisibizwa ngeBosasa futhi yathola ithenda yokupheka emayini iKloof.
U-Agrizzi ushiye eBosasa ngo-2016. Njengamanje iBosasa yaziwa nge-African Global Operations.
Uveze ukuthi umholo wakhe eDyambu wawuhlukaniswa kabili, uze kuye nenkosikazi yakhe ukuze angakhokhi intela enkulu yize inkosikazi yakhe yayingaqashiwe eDyambu.
U-Agrizzi uthe inkosikazi yakhe yayingumabhalane wakhe eMolope.
Ikhomishini iyaqhubeka.