IPHENDULEKILE imithandazo yezitshudeni ezikhungweni zemfundo ephakeme njengoba uMengameli Cyril Ramaphosa ememezele ukuthi bazokuqeda ukushoda kwezindawo zazo zokuhlala.
URamaphosa ethula inkulumo yesizwe, uthe: “Izitshudeni emaTVET nasemanyuvesi zihlezi zinenkinga ngendawo yokuhlala. Ezinye azinazo nezindawo zokulala uma seziphuma emakilasini, zize zilale endaweni yokufundela emitapweni yolwazi. Ngonyaka ozayo sizosebenzisa uR64 billion ukwakha izindawo zokuhlala. Lezi zakhiwo zikulungele ukuqala ukwakhiwa.”
Uthe imfundo ezweni iya ngokuba ngcono kakhulu uma kuqhathaniswa naphambilini futhi izitshudeni zesekwa kakhulu ngoxhaso lwemali. “Abantu abaningi abasha kuleli sebeyakwazi ukuthola imfundo uma uqhathanisa naphambilini. Izingane ezingu-2.4 million zithola imfundo emazingeni aphansi. Libe ngu-81% izinga lokuphasa u-matric ngonyaka odlule. Abaningi babo bavela ezikoleni zasemakhaya nezasemalokishini.”
URamaphosa uthe emakolishi amakhono amaTVET bangu-720 000 abathola uxhaso lwemali.
Uthe kusukela ngo-2016 iNSFAS ibingu-R11.2 billion manje isikhule yaze yafinyelela kuR35 billion ngo-2020.
URamaphosa umemezele ukuthi ngaphezu kwale mizamo abayenzile kuzosungulwa amaTVET amasha ayisishiyagalolunye nonyaka, ezinye zalezi zikhungo zizoba eGreytown, eMsinga naKwaNongoma.
Umemezele ukuthi kuzokwakhiwa inyuvesi ezogxila kwiSayensi e-Ekurhuleni, eGoli, ngoba yiwona masipala oyi-metro engenayo inyuvesi.
Uthe kulo nyaka kuzofakwa izifundo iRobotics neCoding ezikoleni ezingu-200. Ngaphezu kwalokhu uRamaphosa uthe impi ebhekiswe ekulweni neHIV nayo isekwelinye izinga.
URamaphosa uthe kuneminye imizamo yokuqinisa ezokuphepha njengoba kunamaphoyisa angu-5 000 aphothule ukuqeqeshwa nyakenye, angu-7 000 kulo nyaka nawo azophothula lokhu kuqeqeshwa.