SIYANDA isibalo sabafundi ababhekana nokuhlukunyezwa nokunukubezwa ngothisha ngokocansi ezikoleni zaKwaZulu-Natal.
Ngokwempendulo kangqongqoshe wezeMfundo kulesi sifundazwe, uMnuz Mthandeni Dlungwane, abalelwa ku-33 amacala okunukubeza ngokocansi avuliwe ngo-2017/18. Angu-22 awokushaywa avulwe ngesikhathi esifanayo. UDlungwane udalule lezi zinombolo kulandela umbuzo weDA ePhalamende. Uqhube waveza nokuthi bangu-231 abafundi baKwaZulu-Natal abalulekwa ngokwengqondo.
Okhulumela iDA esifundazweni uMnuz Rishigen Viranna, uthe leli qembu likhathazekile ngokungabikwa kwezigameko ezenzeka ezikoleni njengoba besola ukuthi othishanhloko bavikela abenzi bobubi nezikole zabo.
“Lolu lwazi lukubeka kucace ukuthi izingane zethu azivikelwa ngendlela efanele ezikoleni. Izikole zethu kumele ngabe zindawo zokufunda eziphephile, kodwa kubukeka engathi liyakhula izinga lobugebengu njengoba ilokhe yande njalo imibiko ngothisha abahlukumeza abafundi,” kusho uViranna.
Uthe ngesonto eledlule kubikwe ukuthi uthisha wakulesi sifundazwe usekhulelise abafundi abahlanu abafunda ezikoleni ezihlukahlukene eManguzi eminyakeni emihlanu edlule.
“Noma sikushayela ihlombe ukuthi iSouth African Council of Educators (SACE) iyaphenya ngalolu daba, umbuzo uthi; kungani umnyango neSACE besukumele lolu daba sekukhuleliswe abafundi abahlanu?”
Empendulweni yakhe uDlungwane uphinde aveze ukuthi babalelwa ku-16 othisha abahlaselwa abafundi kulesi sifundazwe.
UViranna uthe uMnyango wezeMfundo uhlulekile ukuvikela othisha nabafundi, wathi kumele kuqashwe onogada ngokushesha ezikoleni ezishoda ngabo. Uthe kumele kube nendlela yokuqopha bonke othisha abatholwa benecala lokunukubeza ngokocansi ukuze bengakwazi ukubalekela kwezinye izifundazwe.