UMDLALI wasemuva wePolokwane City uMogau Tshehla odlule engozini yemoto. Isithombe: BACKPAGEPIX
IQEMBU elidlala kwi-Absa Premiership, iPolokwane City, izolo ebusuku liqinisekise izindaba ezibuhlungu ngokufa komdlali waleli qembu uMogau Tshehla engozini yemoto. 

IPolokwane City idalule izindaba ezibuhlungu ngokudlula kwalo mdlali oneminyaka engu-26 ekhasini layo lezokuxhumana kutwitter izolo. 

"Kuyasidabukisa kakhulu ukunazisa ngokudlula emhlabeni komdlali wethu wasemuva uMogau Tshehla engozini yemoto. Imicabango yethu inomndeni wakhe, ozakwabo abedlala nabo kanye nabangani bakhe," kusho isitatimende esikhishwe yiRise and Shine. 

Imininingwano ngengozi yemoto adlule kuyo ibingakadalulwa.

Lo mdlali ugcine ukubonakala edlala ngesikhathi ezakhe ziguqiswa yi-Ubuntu FC emdlalweni weNedbank Cup ngempelasonto.    

Ezinkundleni zokuxhumana ingene ilekanyana imiyalezo yendunduzo ebivela kubadlali nasemanqenjini ePSL.