ISIFUNDAZWE saKwaZulu-Natal sibalwa nezinye zezifundazwe okwehle kuzo kakhulu ukufa kwabantu ezingozini zezimoto ezenzeke ngesikhathi samaholidi.
Lokhu kudalulwe uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uMnuz Joe Maswangayi ngesikhathi ethula umbiko ngezokuphetha emgwaqeni ngesikhathi samaholidi kusukela kuDisemba 1 kuya kuJanuwari 9.
Zingu-7 izifundazwe okwehle kuzo isibalo sabafele ezingozini zezimoto emgwaqeni
Nonyaka kufe abantu abangu 1 527 ngalesi sikhathi uma kuqhathaniswa nabangi 1 714 ngesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
Lokhu kuchaza ukuthi isibalo sabafile sehle ngo 11%, kanti lo mnyango ubuvele uziphonsele inselelo yokuthi sehle ngo 10%. UMasangwayi ubonge abantu emphakathini nokuzinikela kwamaphoyisa omgwaqo.
“Besingeke sifinyelele kule mpumelelo ngaphandle kokuzinekela kwamaphoyisa omgwaqo ngokunjalo namalungu omphakathi,” kusho yena.
Kwabafile u-37% kube ngabantu abebehamba ngezinyawo, okuyisibalo esinyuke ngo-34%, abashayeli babe ngu-27%, okuyisibalo esinyuke ngo-4% kuphela.
“Nesibalo sokufa kwabasuke bethwele yizimoto sehlile, nokukhombisayo ukuthi singahlenga izimpilo eziningu yma abantu beqhubeka befaka amabande ezokuphepha emotweni,” kuqhuba uMaswanganyi. Uthe nonyaka bazoqhubeke bagqile ekuqiniseni ezokuphepha emgwaqeni kuleli.
Khonamanjalo, ngeSonto ebusuku kube nengozi enyatisa igazi emgwaqeni u-N2 eMzumbe, eSouth Coast, okufe kuyo abangu-8. Kubikwa ukuthi bonke abafile bebegibele imoto eyodwa encane yohlobo lwe-VW Golf, eshayisane neveni.
Umshayeli weveni akalimalanga kodwa igazi lakhe litholwe linesikali sotshwala eseqile. Lo mshayeli uboshwe endaweni yesigameko, wayiswa eHibberdene SAPS lapho avulelwe khona icala.