UQOPHE umlando umdlalo Uzalo, njengoba izibalo zangoSepthemba zikhombisa ukuthi usubukelwa ababukeli abangu-10 million.
Kungokokuqala ngqa ukuthi umdlalo ufinyelele kulesi sigaba, naleyo okudala yaba khona njengeGenerations, Muvhango, Isidingo ayikakaze ifinyelele ku-10 million.
Ekhasini lalo mdlalo ku-Instagram babonge abantu bakuleli ngokubukela lo mdlalo njengoba kuvele ukuthi umshado kaNkunzi (Masoja Msiza), MaMlambo (Gugu Gumede) noMaNgcobo (Thandeka Dawn-King), iwona oholele kulezi zibalo.
“Siyabonga ngokuzinika isikhathi nibukele lo mdlalo,” kubhalwa kuleli khansi.
UMmamitse Thibedi onguphrojusa walo mdlalo uthe, kubajabulise kakhulu lokhu okwenzekile nokuyinto abangeke bayikhohlwe.
“Kudala sasikhuluma ngokuthi sifuna ukubona ababukeli bethu bekhula usuku nosuku, besijabule ngezibalo zakamuva nalezi zisenze sawuthokozela kakhulu umsebenzi wethu, nokubeka kucace ukuthi ngempela sisebenza kanzima,” kusho uMmamitse.
Uthe bebazi ukuthi isiqephu somshado nazo zonke ebeziholela kuwo bezizowenza umehluko kubabukeli.
“Sizoqhubeka nokuqhamuka nezinto ezihlukile kulo mdlalo ukuze ziqhubeke zidonse amehlo ababukeli bethu.
"Esesikunakile ukuthi uma sikhuluma ngezinto ezithinta ubudlelwane bezothando nezinto ezithinta umndeni izibalo zethu ziyanyuka kakhulu njengoba abantu besuke bewuthokozela umdlalo,” kuchaza yena.
Ukuvela kwalezi zibalo kujabulise ngisho abalingisi balo mdlalo njengoba uGugu Gumede noThandeka Dawn-King, bebonge abantu bakuleli ngokuqhubeka bebukela lo mdlalo.
Kuwo maduzane nje kuzoqala ukubonakala uPhindile Gwala, owayelingisa kuMuvhango
I-SABC nayo ihalalisele lo mdlalo ngalesi sibalo sababukeli yathi lokhu okwenzeka kuZalo umlando ongakaze wenzeke kuthelevishini.