IQEMBU i-EFF izolo likuqinisekisile ukuthi ilungu lalo ePhalamende, uNksz Tebogo Mokwele, ngelinye labantu abamukela uR40 000 kuMengameli Cyril Ramaphosa ngo-2017, ngesikhathi somkhankaso wakhe wokuba uMengameli we-ANC.
Isitatimende esikhishwe yi-EFF izolo sithe uNksz Mokwele watshela iqembu ukuthi wacela usizo kuRamaphosa ngoba eshonelwe.
Iqembu lithe lokhu kuqinisekisa ukuthi uMengameli wayazi ngabo bonke abahlomula kumkhankaso wakhe iCR17, yize ayethi okunye wayengenalwazi ngakho.
“Ukuqinisekisa kukaNksz Mokwele ukuthi wayithola imali emuva kokukhuluma noMengameli yikhona okuveza ukuthi uRamaphosa uyena owayebhekene ngqo nokwakwenzeka emalini yomkhankaso i-CR17,” kusho okhulumela iqembu uDkt Mbuyiseni Ndlozi.
Iqembu lizoxoxa ukuthi yiziphi izinyathelo ezizothathwelwa uNksz Mokwele.
Iqembu lithe uma kukhona elinye ilungu elahlomula ngemali emkhankaswen we-CR17, kumele liphumele obala ngokushesha.
Akuyena yedwa owathola imali kodwa nenye yezintatheli yayithola imali yomkhankaso.