UGIXABEZWE odilikajele abayisithupha owesilisa wase-Eastern Cape ngecala lokubulala intombi yakhe nezingane zabo ezinhlanu.
UNowa Makula ugwetshwe yiNkantolo yesiFunda e-Elliotdale ngoMsombuluko lapho avume khona icala lokubulala intombi yakhe nezingane zabo ezinhlanu eSidabekweni ngoNovemba nyakenye.
Emaphepheni asenkantolo, uMakula uthe wabulala umndeni wakhe ngemuva kwengxabano nentombi yakhe.
Izingane bezineminyaka ephakathi kwezinyanga eziyisithupha neminyaka engu-10 ubudala.
Okhulumela uphiko lwezokushushisa, uMnuz Luxolo Tyali, uthe uMakula wagenca umndeni wakhe wonke ngembazo. “Bonke wabagenca wababulala ngembazo ngemuva kokusola ukuthi intombi yakhe iyamjolela,” kusho uTyali ekhuluma ne-EWN.
UTyali ushayele ihlombe abaphenyi nabashushisi ngokuphothulwa kwaleli cala ngokushesha.