IPHINI likaMengameli le-ANC uMnuz David Mabuza lithe ngeke libangise uMengameli wale nhlangano nezwe uMnuz Cyril Ramaphosa esikhundleni sakhe.
UMabuza oyiPhini likaMengameli wezwe, uthe isikhundla sikaRamaphosa siphephile, akasiconseli amathe.
“Ngiyohlala ngisebenza eduzane kukaRamaphosa. Ngiyazibona izinguquko. Asinike uRamaphosa ithuba. Izwe lizothuthuka. Ngiyazibona izinto ezinhle ziza,” kusho uMabuza.
Uthe akasoze asifuna isikhundla sikaRamaphosa sobumengameli.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi ehambele esifundazweni iMpumalanga njengoba ubuholi obuphezulu bale nhlangano bebugasele kulesiya sifundazwe ukuzozwa izikhalazo zomphakathi.
Ubuya nje bese kunesikhathi enyamalele, ubesekhefini lokugula. Imibiko yabezindaba ithe uke waya naseRussia lapho elashwa khona.
Ngesikhathi ekhuluma nezintatheli uphefumule nangokugula kwakhe lapho ethe ubuyile futhi ungumqemane.
“Ngizobuyela eRussia ngoba yilapho benamafayela ami okugula. Ngaya kuleli lizwe ngigula ngingakwazi ukuhamba bangilapha khona.
Ngizobuyela ngoba ngihlala ngihlale ngiye khona ukuze babheke ukuthi akukho nkinga bese beyilapha. Njengoba ukugula kuthinta mina ngqo, ngizihambela ngemali yami ukuyolashwa khona,” kusho uMabuza.
Uthe njengoba eyiPhini likaMengameli, umthetho uthi kumele ahlale egadiwe ngakho onogada aya nabo eRussia bakhokhelwa nguMbuso.
“Akukhona ukuthi angizithembi ezempilo zakuleli. Ngiyazethemba kakhulu, ukuthi amafayela ami okugula aseRussia.”
Uthe endaweni abekuyona, elokishini iThandukukhanya kunenkinga yezindlu zangasese. Uthembise ukuthi izolungiswa indaba yazo.
Uthembise nokuthi bazobuya njengoba kunabantu abafuna izindlu wakhumbuza abantu ukuthi bavotele i-ANC.