ISAZI sezomnotho nezomthetho uSolwazi Bonke Dumisa sithi izikhulu zebhange iVBS zizidonsele amanzi ngomsele ngokuboleka imali obengumengameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma.
Leli bhange laboleka uZuma uR7.8 million ngesikhathi efuna ukukhokhela isikweletu somuzi wakhe waseNkandla.
I-VBS isematheni kulezi zinsuku ngemuva kokuthi uMnyango kaMgcinimafa kuzwelonke uyifake ngaphansi komlawuli ngenhloso yokuyitakula njengoba intula izimali.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uDumisa uthe iVBS yagagamela ngokuboleka uZuma imali.
Uthe isinqumo saleli bhange sokuboleka uZuma imali, yisona esidale ukuthi libe nengcindezi uma selibhekene nezinkinga zemali.
“Abantu bazothi mhlawumbe leli bhange ngabe alikho obishini ukube alizange limsize uZuma ngezimali,” kusho uDumisa.
Uthe omasipala abafake imali kwiVBS baphule umthetho, iMunicipal Finance Management Act.
“Inkinga wukuthi njengoba befake imali kwiVBS, iVBS ibolekisa ngayo kubantu abayiboleka isikhathi eside. Lokhu kungenzeka kuphazamise ukuthunyelwa kwezidingo kubantu,” kusho uDumisa.
IBhange loMbuso lithi isizathu esidale ukuthi lifake iVBS ngaphansi komlawuli wukuthi alinayo imali yokukhokhela izikweletu zayo masishane.
“Uma uyibhange kufanele ube nemali okuzothi uma kwenzeka noma yini ukwazi ukukhokhela izikweletu zakho zonke. E-VBS ayikho imali eyaneke okuzothi uma omasipala bekhipha imali yabo kube yiyona evala isikhala semali ephumile. Omasipala abafake imali kwiVBS kufanele bathathelwe izinyathelo zomthetho,” kusho uDumisa.
Uthe umlawuli, iSizwe Ntsaluba Gobodo izokwenza isiqiniseko sokuthi omasipala bayayithola imali yabo futhi abakweleta iVBS kufanele bayikhokhe imali yakhona ngoba isikweletu ngeke sicime njengoba ingaphansi komlawuli.
Umphathi weBhange loMbuso, uMnuz Lesetja Kganyago, uthe akusilo iqiniso ukuthi baphazamisa ukusebenza kweVBS ngoba iphethwe ngabantu abamnyama kodwa benza isiqiniseko sokuthi ilandela umthetho wokusebenza kwamabhange aseNingizimu Afrika.
“Uma ufake isicelo selayisensi yebhange sizokwenza isiqiniseko sokuthi amadephozithi owathathayo asemthethweni. Ngeke sihlasele ibhange ngoba liphethwe ngabamnyama. Esikwenzayo wukuqinisekisa ukuthi kulandelwa umthetho futhi sivikela abantu baseNingizimu Afrika,” kusho uKganyago.
Umhlaziyi wezepolitiki uMnuz Thabani Khumalo uthe sikabili isinqumo sokufaka iVBS ngaphansi komlawuli.
“Kungenzeka ukuthi ibhange balifake ngaphansi komlawuli ngenhloso yokulitakula njengoba lisezinkingeni, ngeke futhi ikhishwe ngaphandle inhlese yepolitiki njengoba leli bhange lake laboleka uZuma imali,” kusho uKhumalo.