UMENGAMELI wezwe nenhlangano ebusayo uMnuz Cyril Ramaphosa usephumele obala wavuma ukuthi yinto eyaqala kudala ukulawulwa koMbuso yidlanzana eNingizimu Afrika ngaphansi kombuso we-ANC.
URamaphosa uveze lokhu enkulumeni avule ngayo ngoLwesithathu ngesikhathi evele kwikhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli.
URamapahosa uphekwa ngemibuzo ngezinsolo zenkohlakalo eyenzeka eseyiPhini likaMengameli we-ANC nangenkohlakalo eyenzeke ngaphansi kobuholi bakhe esewumengameli.
Ekhuluma kule khomishini uRamaphosa uthe ukulawulwa koMbuso yidlanzana kwenzeka ngenxa yoqhekeko olukhona kwi-ANC olwaqala ngo-1994.
Uvumile ukuthi kuningi okwakungenziwa yiqembu elibusayo ukunqanda inkohlakalo athe isithikameze isithunzi seqembu nentuthuko ezweni.
“Ukulawulwa koMbuso yidlanzana kwenzeke ngaphansi kwethu njengeqembu elibusayo. Kuthina amalungu nabaholi benhlangano yethu futhi kwathola umhlabathi ovundile ngenxa yoqhekeko nemikhuba osekukhulile kule nhlangano kusukela ngo-1994,” kusho uRamaphosa.
Uthe: “Siyavuma ukuthi inhlangano ibingenza futhi bekumele yenze okuningi ukunqanda ukuxhashazwa kwamandla.”
Uqhube wathi i-ANC iwenzile amaphutha futhi nangesikhathi izama ukulethela abantu bakuleli izidingo zabo.
Uthe bazokwenza konke okusemandleni ukuqeda ngokulawulwa koMbuso yidlanzana kuleli.