MHLENGI SHANGASE
AZOSHESHISWA amacala abhekene nezehlakalo zokutatshwa kwempahla, ukushiswa nokucekelwa phansi kwezakhiwo kanjalo nokutholakala nempahla eyebiwe.
Lokhu kuvezwe kusomqulu kahulumeni ngempelasonto uNgqongqoshe wezobuLungiswa nezokuHlunyeleliswa kweziMilo kuleli, uMnuz Ronald Lamola, oshicilele imigomo ethinta ukuhlehliswa nokuqulwa kwamacala kusetshenziswa ubuchwepheshe.
Izibhelu eziqale ngeledlule, ezidlange KwaZulu-Natal naseGauteng, zokutatshwa kwempahla ezitolo, zikhiphe izidumbu ezingaphezulu kuka-200 kuleli. Bangaphezu kuka-2 500 ababoshiwe.
Le migomo izosebenza ikakhulu njengoba izwe lisesigabeni sesine somvalelandlini ngenxa yeCovid-19.
Uthe ihlinzeka ngezinto okumele izinkantolo zizenze njengokuthi kulalelwe amacala abalulekile naphuthumayo.
Uhulumeni ufuna kusheshiswe ukuqulwa kwamacala alabo ababoshelwe ukudala izibhelu ezweni.
“Amacala aphuthumayo kubalwa awodlame lwezobulili, awokuhlukumeza ngokocansi, awenkohlakalo, athinta izingane nalawo athinta ukuphulwa kwemigomo yeCovid-19. Kuzoba nezinhlelo ezizolandelwa emacaleni athinta udlame nezibhelu eziqubuke KwaZulu-Natal naseGauteng,” kusho uLamola.
Uthe uma kunesidingo bazokwengeza isibalo sezimantshi ezinamava, esezathatha umhlalaphansi kanjalo nabashushisi abazolandwa ukusheshisa lawa macala.
“Ikakhulu lawo macala athinta abantu abaningi ababoshiwe, sizodinga amava yingakho sizonxusa labo abadla endala ukuthi abuye bezofaka isandla.”
Uthe uma kukhona ukusabela ezokuphepha, amacala ayoyiswa kwenye inkantolo.
“Asifuni kube nokuphazamiseka kokuqulwa kwamacala kanjalo nokuthi umphakathi uthembe ukuthi umthetho uzothatha indawo yawo.”
Njengoba izolo bekugujwa usuku lukaMandela kuleli, namhlanje lo mnyango uqala uhlelo lokugoma iziboshwa zigonyelwa iCovid-19.
Kunengebhe yokuthi iziboshwa zingasuleleka ngaleli gciwane njengoba izwe libhekene nesivuvu sesithathu saleli gciwane esithelelana ngokushesha.
ULamola uzokwethula lolu hlelo namhlanje eGoli, bese eyagonywa.
Umnyango wakhe uthe njengoba kungekho ukuqhelelana emajele ngenxa yokugcwala, kunesidingo sokuthi kuqale lolu hlelo.
“Iziboshwa zizogonywa kuhlonishwa uMandela ewayekubalula ukuthi wonke umuntu noma eboshiwe, kumele athole usizo lwezempilo olufanayo. Sizimisele ukuthi sakhe isimo esiphephile sokusebenza kwabasebenzela lo mnyango ngokuthi, sigome iziboshwa.”
Akuzona kuphela iziboshwa ezizogonywa namhlanje kodwa nabasebenzi bomnyango wezenhlalakahle okubalwa abasebenzela iSassa, nabo bazogonywa.
Abanye abazongena kulolu luhlu lokugonywa ngabasebenzela izinkulisa.