SEKUXOSHWE onogada ababili, kwamiswa umhlengikazi oyedwa othinteka esigamekweni se-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana, ababonakala kuyo bebhaxabula isiguli esisembedeni, ewodini leziguli, lasesibhedlela Estcourt.
Kwi-video eqale ukusabalala ngempelasonto, kubonakala onogada beshaya isiguli sesilisa ngezimpama, besibuza ukuthi siyagoloza yini. Kweyesibili kuvela onogada besicindezele embhedeni, abahlengikazi ababili besijova ezinqeni.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane- Zulu, okushayele ihlombe ukumiswa konogada, uzwakalise ukukhathazeka ngesigameko esibonakala senzeka kwi-video.
“Kuyakhathaza kakhulu ukuthi umuntu oqophe le video unqume ukuyisabalalisa ezinkundleni zokuxhumana, kunokuthi ayivezele abaphathi besibhedlela. Ukube balandele umgudu ofanele labo abayiqophile, ngabe isiguli asihlukumezekanga ngale ndlela esibonakala sihlukunyezwa ngayo. Sizwile ukuthi kusolwa ukuthi ngomunye wabahlengikazi bethu oqophe le video. Simatasa nophenyo, nabaphathi besibhedlela sibanike umyalelo wokuthi benze uphenyo lwangaphakathi,” kuchaza ungongqoshe.
Eqhuba uthe umnyango uyalele inkampani yonogada ukuthi ibaxoshe abasebenzi bayo ngokukhulu ukushesha.
I-video esematheni ezinkundleni zokuxhumana, ishiye abantu abaningi benengekile.
Abanye babo bebezwakalisa ukuthukuthela, bethi kumele bathathelwe izinyathelo zomthetho abasebenzi abavela kwi-video.