KUSIZE ukungenelela kwezicishamlilo zanqanda ukubhebhetheka komlilo ngesikhathi kungqongqa imijondolo eseCato Crest, eMayville, izolo ekuseni.
Iyisithupha imijondolo ecekeleke phansi ngenxa yalesi sigameko okukholakala ukuthi sibangelwe ukubuya kukagesi obuhambile.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo, amalungu omphakathi abesamangele, amanye ematasa ekhipha izimpahla kweminye imijondolo esondelene nebingqongqa. Ilungu lomphakathi elikhulume nezintatheli, elingathandanga ukudalulwa, lithe abanikazi bemijondolo engqongqile bebesemsebenzini ngesikhathi sesigameko.
“Bekuhambe ugesi ekuseni ngabo-6 njengoba ubuye ngo-8. Ngicabanga ukuthi lapho kuqale khona umlilo kungenzeka ukuthi bashiye kukhona abakuxhumile kugesi bakhohlwa, okuthe uma ubuya kwagcina sekokheleka umlilo, kwasha nemijondolo engomakhelwane,” kusho leli lungu.
Lithe kusize ukuthi basheshe bafike abezicishamlilo, bakwazi ukuwubhula ngoba wonke umuntu ubesethukile, esaba ukuthi uzobhebhetheka ushise inqwaba yemijondolo.
Oyi-Acting Division Commander ophikweni lwezicishamlilo eThekwini, uMnuz Sifiso Mtshali, uqinisekisile ukuthi akekho olimalile.
“Kusolwa ukuthi umlilo udalwe yizintambo zikagesi ezixhunywe ngokungekho emthethweni,” kusho uMtshali.