SIMANZONZO isimo ezikhungweni zezempilo eThekwini, abasebenzi bashaya phansi ngonyawo bathi ngeke basebenze zingalandelwanga izinhlelo zokubavikela kwiCorona, kulandela ukuthi ozakwabo kutholakele ukuthi banaleli gciwane.
Abasebenzi bama-ambulensi KwaMashu, badube umsebenzi bathi bafuna ukuthi amahhovisi abo ahlanzwe ngesibulalimagciwane, futhi bahlolwe bonke ukuthi kabanalo yini leli gciwane ngoba basebenzisa ikhishi elilodwa.
Kusukela ngoLwesihlanu abasebenzi emtholampilo wakule ndawo iPoly endala, sekuphele isonto iziguli ezilanda imishanguzo yazo zibuyiselwa emakhaya, abasebenzi bethi kabasebenzi ngoba kunozakwabo otheleleke ngaleli gciwane.
EMtholampilo ePhoenix, esibhedlela eKing Edward naseMtholampilo wasoThongathi abasebenzi badonsa izinyawo.
EKing Edward abasebenzi bakhona ngeSonto bebemasha, bekhala ngokuthi kabahloliwe futhi igumbi lokuhlinzwa elithintekile kalivaliwe, liyasebenza.
UMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uthe bahlanu abasebenzi okuthiwa banaleli gciwane kulesi sibhedlela kodwa abasebenzi bathi bangaphezulu kwalokho.
“Abaphathi basisabisa ngokuthi uma siyeka umsebenzi sizoxoshwa. Sifuna ukuthi sihlolwe sonke ngoba baningi abasebenzi abathintekayo futhi sifuna ukuthi isibhedlela sivalwe bese sihlanzwa sonke ngaphambi kokuthi sibuyele,” kusho osebenza eKing Edward.
Omunye wabahlengikazi basePhoenix, uthe abaphathi bathola ukuthi kuneziguli ebezihlolwa kulo mtholampilo imiphumela yazo ekhomba ukuthi zinaleli gciwane babafihlela abasebenzi, iziguli ezithintekayo bazishayela ucingo.
“Sibona abantu abaningi ngosuku kodwa abaphathi babone kungcono ukuthi bafihle, siqhubeke sithelele ezinye iziguli singazi. Kumanje baningi abahlengikazi asebezihlolile bathola ukuthi banalo leli gciwane kodwa iziguli ebezikulo mtholampilo ngalezi zinsuku kazifonelwa. Sikuphi isidingo sokuthi kubhaliswe amagama abantu uma bengeke besashayelwa ucingo uma kutholakala ukuthi kukhona oneCorona obesemthomapilo ngosuku lunye nabo?”
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe babikelwe ngabasebenzi baseKing Edward abatheleleke ngegciwane nokuthi kunabanye abathi bafuna kuvalwe isibhedlela ngenxa yalokho.
“Akuzona zonke izikhungo zezempilo ezizovalwa uma kutholakala ukuthi kunomsebenzi okutholakale ukuthi uneCorona. Njengamanje eKing Edward kusalandelwa uhlelo lokuhlonza ukuthi ubungozi bungakanani, yilo oluzoveza ukuthi yisiphi isinyathelo okumele sithathwe. Ukutholakala kokuthi kunomuntu onaleli gciwane esikhungweni sezempilo akuchazi ukuthi bonke abantu abasebenza khona sebezohlolwa,” kusho yena.