KUDUTSHULWE kwabulawa abesifazane abathathu kwalimala kanzima abahlanu esigamekweni esenzeke eNanda, KwaZulu Natal ngoMgibelo.
Kubikwa ukuthi uhlelo lokuvota lomphakathi wase- ward 54 luphele sekumuncu emuva kokuthi kuqhamuke imoto evulele ngentululwane yezinhlamvu kwashona abesifazane abathathu abanye balimela.
Kuthiwa bekusanda kuvulwa umhlangano lapho amalungu omphakathi abezwakalisa khona ukungenami kwawo ngabaqokelwe ezikhundleni zobuholi be-ward, okugcine sekuvunyelwene ukuthi uzofakwa ohlwini obeyikhansela lakule wadi, obengafakwanga ohlwini.
Kubikwa ukuthi lokhu kucasule abanye balabo abashaywe ngesithende kulolu hlelo kodwa banganikwa leli thuba elinikwe ikhansela.
Ngokusho kwemibiko kuthiwa ngesikhathi abantu besame ulayini wokuvota, kuqhamuke imoto ebinganazo izinombolo zemoto, yavulela ngenhlamvu ibhekise kubantu abebelinde ukuvota. Kuthe uma isidlulile le moto kubonakale lapho ukuthi kunabathathu asebeshonile, inqwaba yaphuthunyiswa ezikhungweni zezempilo.
Ubuholi begatsha bebusazovakashela imindeni yalabo abashonelwe
Kwenzeka lokhu nje, kusanda kudutshulwa kwabulawa abantu abayisithupha emijondolo yaseZamani ka-U eMlaza, abanye badutshulwa babulawa ka-W kulona leli lokishi ngobusuku obubodwa.
Kwesinye isigameko ngoLwesihlanu ebusuku, kudutshulwe kwabulawa abantu ababili ka-U eMlaza nokungakatholakali imbangela yokubulawa kwabo.
Amaphoyisa awatholakalanga ukuphawula ngalesi sigameko.