BONISWA MOHALE
KULINDELEKE ukuthi imenyezelwe ngoMsombuluko indawo uMengameli Cyril Ramaphosa azokwethula kuyo inkulumo yakhe yesizwe kulo nyaka, emuva kokusha kwePhalamende.
USomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula, uthe unethemba lokuthi bazomemezela ngoMsombuluko ukuthi inkulumo kamengameli yesizwe izoba ikuphi kulo nyaka ngoba akushanga izindlu eziningi zamakomiti ePhalamende.
“Sizolalela onjiniyela okuyibona abazositshela ukuthi singaya nini ePhalamende ukuyobona umonakalo owenzekile. Sinethemba lokuthi ngoMsombuluko sizokwazi ukumemezela ukuthi inkulumo yesizwe izokwenzeka kuphi. Kufanele sikhumbule ukuthi iPhalamende liseyindawo yesigameko sobugebengu. Sizolalela izinhlaka zomthetho nonjiniyela ngalokho okufanele sikwenze kule ndawo,” kusho uNkk Mapisa-Nqakula.
Uqinise abantu idolo ngokuthi umsebenzi wePhalamende ngeke uphazamiseke ngenxa yokusha kwalo.
Okwamanje iMeya yaseCape Town, uMnuz Geordin-Hill Lewis, ibithe uhulumeni angasebenzisa iCity Hall yaleli dolobha ukwenza inkulumo yesizwe.
Ibuye yaveza ukuthi nezindlu zikamasipala zingasetshenziswa ukubamba imihlangano yasePhalamende.
ICape Town Convention Centre nayo ivule izandla ukuthi iPhalamende lingasebenzisa le ndawo okwamanje.
UNkk Mapisa-Nqakula uthe bazozibheka zonke izindawo abanikwa zona ukuze bafinyelele esinqumeni esifanele ngendawo abazokwazi ukuyisebenzisa.
Uthe ngaphambi kokuthi bakhethe indawo, kufanele babheke yonke imibandela yokuyisebenzisa.