AVELE akhihla isililo ngesikhathi esephuma enkantolo amakholwa nabomndeni wekhehla eliboshelwe icala lokudlwengula likhulelise umzukulu walo (19), eNewtown A, eNanda.
Umsolwa (78) ubekade evele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma.
Icala lihlehliselwe uLwesibili wangesonto elizayo, ukuze umsolwa afake isicelo sebheyili futhi kuqinisekiswe ikheli lendawo azohlala kuyona uma kwenzeka inkantolo imkhulula.
Kuthe nje iqeda ukulihlehlisa icala imantshi, abomndeni namakholwa bavele basukuma baphuma belandelana enkantolo, kuqhuma isililo.
Umsolwa ongene enkantolo eqhugela, emva kokubambelela ngensimbi ekhuphuka amasitebhisi, ubebukeka edidekile ngesikhathi esebhokisini labasolwa.
Utshelwe yimantshi ukuthi uzogcinwa ezikhindini aze abuyele enkantolo efanayo ngoJuni 28, ngo-8 ekuseni, wabe eseshona phansi emgodini eyovalelwa ezitokisini.
Ngaphandle kwenkantolo, amakholwa nabomndeni bebekade beduduzana, abanye bekhala. Bebegcwele inkantolo bezokweseka ikhehla. Baphinde balumana indlebe nommeli kamsolwa ngaphandle kwenkantolo, base beyahlakazeka, usizi lubhalwe emehlweni.
Kuthe uma intatheli isondela kubona icela ukuba baphefumule ngalezi zinsolo ezinzima ezibhekiswe ekhehleni, abomndeni nebandla bala ukhasha ukuphawula bethi akukho abazokusho.
Umsolwa okuthiwa ungumfundisi, uboshwe ngoMsombuluko, emuva kokuthi amalungu omphakathi emvulele icala.Amaphoyisa esifundazweni noMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal, bathe umsolwa ubehlukumeza umgilwa kusukela ngoJanuwari 2017, kwaze kwaba uMeyi 31, nonyaka.
Kuthiwa indaba ize yabhadlaka ngesikhathi amalungu omphakathi ebuza umgilwa ukuthi ukhuleliswe ngubani, okuvele ukuthi ukhombe umkhulu wakhe.
Kuthiwa umsolwa wayalela umzukulu ukuthi akhombe isisu kwenye indawo ngoba kudukiswa umkhondo.
Sichazwe njengesibe nobulwane nonya lesi sehlakalo, kwaphonselwa inselelo abaholi nezinhlangano zomphakathi, ukuthi baphonse iso emakhaya ahlala izingane ezingenabani.