UKHATHAZEKILE umphakathi waseNkanini, eBonela, emuva kokushona kwengane eneminyaka emibili, eshe yangqongqa nomjondolo wakubo ngoMsombuluko ebusuku.
Izolo abantu baseNkanini bebemi izixongololo bekhalisa umndeni wengane eshonile, uKhwezi Mlingo.
UNkk Nonkumbulo Mlingo (47) ongugogo kaKhwezi uthe bakhathazekile bewumndeni ngokushona kwengane ngoba kwenzeke ngokuphazima kweso.
“Indodakazi yami uNombali Mlingo (29) ibingena ebusuku emsebenzini izolo (ngoMsombuluko). Kusho ukuthi ikhohlwe amateku etekisini yase ifonela ubaba wezingane uBuhle Luthuli ukuthi alandele leyo tekisi. Uye wazishiya zodwa izingane ngeshwa, kwaphela ugesi. Izingane zikhanyise ikhandlela zase zizunywa wubuthongo,” kusho uNkk Mlingo.
Uthe ngesikhathi izingane zizumekile ikhandlela lithungeleke kokuthile kwavutha endlini.
“Umzukulu omdala uSandile (12) uhambile wayofuna usizo sekusha. Kuphume yena (Sandile) noLwandile (7), kwashona uKhwezi oneminyaka emibili. Ngifonelwe ebusuku ngitshelwa ngale nto eyenzekile ngoba ngihlala eLovu,” kusho uNkk Mlingo.
Uthe indodakazi yakhe noyise wezingane zayo bamatasa bayokwenza isitifiketi sengane eshonile kanti abazukulu ababili basesibhedlela.
UMnuz Mlungisi Mokoena wenhlangano Abahlali baseMjondolo, uthe bakhathazekile ngokufa kwengane eNkanini ngoba ukube bekunamanzi nogesi ngabe ingane ayishonanga.
“Sesihlale iminyaka emithathu singenawo amanzi nogesi. Ukube besinezidingongqangi ngabe kukhona okuzanywe womakhelwane ukuhlenga izingane. Siyacela ipolitiki ihlale eceleni kulolu daba kodwa kulekelelwe umndeni ovelelwe yisimo esinzima,” kusho uMokoena.
UNkk Agnes Zoko (52) owafika eNkanini ngo-2016 uthe abahleli kuleya ndawo ngoba bethanda kodwa yingoba abanawo amandla okuthenga imizi neziza.
“Siyacela bandla uhulumeni asifakele ugesi namanzi okusemthethweni ngoba size sihlale lana nje yingoba asinawo amandla okuzakhela. Ikhansela lalana lisibiza ngamaphara lithi alifuni nokuyizwa indaba yethu,” kusho uNkk Zoko.
IPhini leMeya yeTheku uNkk Fawzia Peer lidlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaMlingo.
Ugqugquzele abazali ukuthi baqaphe izingane ngeso lokhozi nokuthi baqaphele uma bebasa umlilo ebusika ukugwema izinhlekelele ezifuze lena.
Uthe ithimba elibhekelele izinhlekelele lizokuya kohlola isimo emndenini oshelwe.
UCol Thembeka Mbele wamaphoyisa KwaZulu-Natal uthe amaphoyisa aseCato Manor avule idokodo emuva kokushona ngengane eneminyaka emibili ngesikhathi kusha umjondolo ebilele kuwo.
Uthe amaphoyisa asaphenya ngalesi sigameko.
“Amaphoyisa athole ukuthi izingane ezintathu bezilele ngabo-20.30 ebusuku ngesikhathi umjondolo wakubo kwazo usha. Kushone intombazanyana eneminyaka emibili. Abafowabo ababili balimele. Uphenyo luyaqhubeka,” kusho uCol Mbele.