Simphiwe Ngubane
IBHANGE loMbuso iSouth African Reserve Bank (SARB) liveze ukuthi baningi abafuna ukuvusa iVBS Mutual Bank.
Esitatimenden esithunyelelwe yiSARB kwabezindaba kuvele ukuthi iBhange loMbuso lisebenzisana nohlaka lwalo olubizwa ngePrudential Authority (PA) lizoqhubeka nokulalela umphakathi nalabo abafuna ukungena emkhakheni wezamabhange.
Yize bekhona abafuna ukuvuselela iVBS Mutual Bank, iSARB ithe ngeke ikwazi ukuvuka iVBS isebenze ngendlela ebisebenza ngayo phambilini.
“Ilayisensi yeVBS ayikwazi ukunikwa omunye umuntu noma enye inhlangano. Ngo-2018 iVBS yabekwa ohlwini lwezinhlangano ezingenamali. Ilayisensi yayo yokusebenza yamiswa. Ababekweleta leli bhange kufanele baqhubeke bakhokhe. I-SARB ikhokhe uR261 million osize * -97% wabantu akade bebeka imali eVBS,” kusho abeSARB.
Bathe abafuna ukuqala i-mutual bank noma abafuna ukuvula amabhange kufanele bafake izicelo kwiSARB kanti nabafuna ukuthenga impahla yaseVBS bangayithenga kobhekelele izinhlelo ze-liquidation.
Abafuna ukusebenzisa igama elithi VBS noma elithi Venda Building Society bangafaka isicelo sokwenza lokhu enkantolo ngoba kuthinteka nomphakathi.
Bathe uhlelo oluzolandelwa yilabo abafuna ukusebenzisa la magama luzofana nalolo olwalandelwa ngesikhathi kuvuswa i-African Bank eyayifakwe ngaphansi kweso lomlawuli ngo-2014.
AbeSARB bachaze uhlelo lokufaka isicelo selayisensi yebhange njengeside esingathatha unyaka owodwa noma emibili.
Abafuna ukuba nebhange elijwayelekile noma i-mutual bank (okuyibhange elakhiwa ngabaphilandawonye) kufanele balandele imigomo ethile balandele nemithetho yokusebenza eshaywa iSARB nePrudential Authority.