KUNXUSWE abazali ukuthi bahlale beqaphile ukuthi izingane zidlala kuphi ngemva kokuminza kwabafundi ababili abebebhukuda edamini eliseduze nasemakubo eZwelisha, eBergville, ngeSonto.
Isidumbu sikaMawande Zikode (11) nesikaNokuphila Zondo (14) abebefunda uGrade 4 eBambanani, eBergville, zitholwe edamini iWoodstock ngemva kwamahora zithungathwa.
Kuthiwa bebebhukuda nezinye izingane ngesikhathi beminza.
Uninomncane kaNokuphila, uNksz Nontobeko Zondo, uthe ubengajwayele ukubhukuda edamini ngoba izingane bezihlale zixwayiswa ukuthi zingabhukudi kulo ngoba kuyingozi.
“Akekho obenolwazi ekhaya ukuthi usedamini ngoba sonke simgcine ekhona edlala egcekeni. Akusikho okokuqala kuminza umuntu edamini. Phambilini kuke kwatholakala isidumbu,” kusho uNksz Zondo.
Uthe kubashaqile okwenzekile futhi abakazi bazokwenzenjani.
Umalume kaMawande, uMnuz Sakhile Zikode, uthe umshana wakhe bamgcine ngesikhathi enikwa umsebenzi wokuhlanza igumbi abalala kulo, abazi ukuthi unyamalale nini waya kobhukuda.
“Kucishe kwavalwa ngehlahla ngoba bebehambe bobabili nomunye umshana wami abalingana naye, okuthiwa naye ubebhukuda. Bekungokokuqala ngizwa kuthiwa bebeyobhukuda futhi ngicabanga ukuthi imbangela yokuthi izingane zigcine zidudana ngokuyobhukuda wukushisa kwelanga,” kusho uZikode.
Uthe bebelokhu becwile emini kodwa baze batholwa sekuqala ukuhwalala. Izingane abebebhukuda nazo yizo ezihlabe umkhosi.
Kuthiwa uNokuphila, obemdala ezinganeni abebhukuda nazo, uminze ezama ukusiza uMawande obegwiliza ngesikhathi izingane zibhukuda.
Ikhansela lendawo, uMnuz Khulekani Hadebe, lithe kubethuse kakhulu okwenzekile.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe. NgeSonto siyile ukuyohlangana nayo kodwa ngenxa yokuthi bekusekusha sanquma ukuyinikeza isikhathi. Sizophinde sihlangane nayo ukuze sizwe ukuthi singayilekelela kuphi,” kusho uHadebe.
Uxwayise umphakathi ukuthi uziqaphele izingane lapho zidlala khona kungaze kuphele isikhathi esingangehora ingane ungayiboni egcekeni.
Okhulmela amaphoyisa eKZN, uCaptain Nqobile Gwala, uthe kuvulwe idokodo ngokufa kwabantu eliphenywa ngamaphoyisa esiteshini saseMatsheni.