Isithombe esithunyelwe: ER24/Supplied.
BALIMALE kanzima onogada abathathu abathutha imali ngesikhathi imoto abebehamba ngayo igingqika emuva kokuhlaselwa ngamadoda angaziwa abehlome ngezibhamu emgwaqweni u-R33 KwaKopi ngaphandle kwaseGreytown izolo ntambama.

UMnuz Werner Vermaak wenkampani yezimo eziphuthumayo i-ER24, uthe baphuthume KwaKopi ngabo-3.30 ntambama izolo bathola imoto igingqikile. “Sithole ukuthi onogada abathutha imali bebesendleleni ngesikhathi behlaselwa ngamadoda amathathu. Imoto yawo ilimele ngesikhathi igingqika yaphuma emgwaqweni. Ngenhlanhla onogada balimale kancane njengoba bethe baphume imoto ihamba. Abazange balinyazwe yiziqhumane."

Uthe onogada baphuthunyiswe esibhedlela esiseMgungundlovu lapho bethola khona usizo lwezempilo.

UBrigadier Vish Naidoo wamaphoyisa eNingizimu Afrika, uthe onogada bebesuka eMsinga beyolanda imali enxanxatheleni yezitolo iMsinga Mall.

“Onogada bahlaselwe ngamadoda angaziwa abehamba ngezimoto ezimbili ngesikhathi eseKwaKopi, okuyindawo ephakathi kweGreytown noMsinga. Amadoda angaziwa adubule imoto yonogada, bafaka neziqhumane befuna ukuyiqhumisa base bebaleka nemali engadalulwanga."