KUFUNWA imindeni yababili eMpangeni, ngemuva kokutholakala kwendoda eshile namathambo ngokwehlukana ngenyanga edlule. Kutholakale indoda epulazini likamoba iLogan Farm, okuthiwa belishiswa.
Kuthiwa indoda yaphuthunyiswa esibhedlela inamanxeba okusha emzimbeni, yashonela khona. Umthombo uthe lo wesilisa oneminyaka elinganiselwa kwengu-30, watholakala eseshiwe.
Kuthiwa wayeboshwe izandla, okungasacaci ukuthi wayevele elimele yini kushiswa umoba. Waphuthunyiswa esibhedlela iNgwelezane washonela khona ngakusasa. Namanje akukaziwa ukuthi ngowakuphi.
Kwesinye isigameko kutholakale amathambo omuntu omdala eduze kwejele iQalakabusha.
Isolezwe lithole ukuthi kunemizi esanda kwakhiwa kule ndawo okutholakale kuyo amathambo. Umthombo ongeke udalulwe ngenxa yomsebenzi, uthe bekumbiwa kulungiswa umgwaqo ngesikhathi kutholakala amathambo omuntu.
“Kubonakala sengathi amathambo aseneminyaka cishe emithathu agqitshwa kule ndawo. Amathambo athathiwe ukuyohlolwa futhi ayikho imininingwane yokuthi ngabe akabani,” kusho umthombo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe abasebenzi basepulazini babeshisa umoba ngesikhathi bethola indoda eshile, yayiswa esibhedlela. Uthe lo mlisa akaziwa kodwa kuvulwe idokodo lokufa komuntu eliphenywa esiteshini eMpangeni. Ukuqinisekisile nokuthi amaphoyisa ayazi ngesigameko sokutholakala kwamathambo ngasejele.
“Omunye wabashayeli bakagandaganda obemba wabona amathambo wasola ukuthi awomuntu. Amaphoyisa afikile endaweni, kwavulwa idokodo. Amathambo ayiswe ukuyohlolwa ukuze kutholakale imbangela yokufa neminye imininingwane,” kusho uZwane.