KUSEYINDIDA ukubulawa kwabantu abane abadutshulwe besendaweni yokuwasha izimoto eCentocow, eCreighton, ngoLwesithathu.
Kuthiwa abantu abayisikhombisa bahlaselwe bezihlalele nje belinde kuwashwe izimoto zabo. Umhlaseli kuthiwa uvele wavulela ngenhlamvu kwafa abantu abane. Abanye ababili abatholanga myocu. Enye indoda iphuthunyiswe esibhedlela kukubi.
Kuthiwa abantu bebekade bezihlalele belinde ukuwasha izimoto zabo abanye bephelezele abebezowasha izimoto ngesikhathi kufika enye indoda ivulela ngenhlamvu.
Kushone owesifazane oneminyaka ewu-50 nomunye onewu-35, namadoda amabili aneminyaka ewu-25 no-29.
Umthombo weSolezwe uthe wonke umuntu usale edidekile ukuthi kungani kuhlaselwa.
“Okwenza lolu daba ludide wukuthi ayaziwa imbangela yokubulawa kwabo. Kuqhamuke umuntu ngaphandle kokukhuluma wadubula. Kubulewe abantu abahlukene, abanezibongo ezehlukene,” kusho umthombo.
Amaphoyisa kuthiwa aqale uphenyo ase elandela umkhondo owaholele eXobho. Kuboshwe indoda eneminyaka ewu-33 izolo ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uphenyo lwamapoyisa luyaqhubeka ukuze kutholakale imbangela yokuhlaselwa kwabagilwa.
Uthe oboshiwe uzovela eNkantolo yeMantshi eHlanganani maduze.