KUBOSHWE owesifazane oneminyaka engu-56 waseMachubeni, eKombe, ngecala lokutholwa nezibhamu ezingekho emthethweni okubalwa kuzo i-AK47.
Lezi zibhamu zitholwe ngesikhathi amaphoyisa aseKombe enomkhankaso ngoLwesibili.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe inhloso yalo mkhankaso bekunguqeda izibhamu ezingekho emthethweni kuboshwe nabasolwa abekade befunwa ngamaphoyisa.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa esematasa nomkhankaso athole ulwazi ngowesifazane obenezibhamu.
Utholwe nezibhamu ezincane ezimbili ne-AK47.
Uphinde watholwa nezinhlamvu ezehlukene ezingu-52.
Lo wesifazane ube eseboshwa wabekwa icala lokutholwa nezibhamu ezingenazo izincwadi.
Uvele izolo enkantolo yaseKombe.
“Komunye umkhankaso, ngoLwesibili ebusuku ehostela KwaMashu, abophiko lwamaphoyisa ezinja abophe indoda eneminyaka engu-54 etholakale nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu,” kusho uColonel Mbele.
Uthe ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo lwawo lapho kuhlala khona le ndoda, athole isibhamu i-9mm nezinhlamvu ezintathu.
Le ndoda ibe isiboshwa kanti ivele izolo eNkantolo yeMantshi eNtuzuma.