ZIMKHALELE umsolwa (37) owadla phansi nesamba sika-R2 million okwakumele sifakwe emishinini yemali eminyakeni emine edlule.
Lo msolwa owayesebenza enkampanini ethwala imali, ubelokhu ethungathwa ubusuku nemini amaphoyisa kusukela ngo-2017 ngoMeyi 3 emuva kokudla phansi enkabeni yedolobha eRichards Bay.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala uthe lo msolwa uvalelwe wuphiko lwamaphoyisa eK-9 namaphoyisa ophiko lobugebengu obuhleliwe izolo enkabeni yedolobha eMpangeni.
" Umsolwa wayehamba ngemoto ethwala imali eRichards Bay kwathi ngesikhathi ozakwabo besafaka imali kuma-ATM wanyamalala nezikhwama ezazinemali phakathi. Imali eyalahleka kwaku-R2 milion. Kwavulwa icala lokweba lase lidluliselwa kwithimba eliphenya ngamacala ahleliwe laqhubeka nophenyo,"kusho uCaptain Gwala.
Uveze nokuthi incwadi egunyazwa ukuthi aboshwe lo msolwa ibivele isikhisiwe inkantolo. Uboshwa izolo nje yonke le minyaka ubelokhu ebhacile ebalekela amaphoyisa. Ephetha uCaptain Gwala uthe lo msolwa uzovela enkantolo yeMantshi eRichards Bay ngoMsombuluko.