AMAPHOYISA kaMasipala weTheku athi kuzoshuba kwabashayela bephuzile njengoba sekuboshwe abawu-165 kusukela ngoDisemba 1 kuze kube manje.
USenior Supt Parboo Sewpersad uthe bazoqhubeka nokubavalela abashayela bephuzile ngoba amaphoyisa kamasipala atshalwe kuyo yonke imigwaqo yeTheku.
Ukhuluma kanjena nje ngempelasonto kuboshwe omunye umshayeli wetekisi obelayishe abagibeli abawu-30.
"Sibophe usomatekisi obelayishe abagibeli abawu-30 okusho ukuthi bekugibele abantu abawu-31 uma sibala naye. Itekisi lakhe lithwala abantu abawu-15 okusho ukuthi yena ubethwele amalodi amabili. Uboshiwe netekisi lafakwa ephawundini. Uzobingelela imantshi maduze ngokuphula umthetho," kusho uSewpersad.
Uthe kusukela ngoJanuwari kuze kube wuNovemba 1 kuboshwe abashayeli abawu-5 200 beboshelwa ukushayela bephuzile.
“Abashayeli abalaleli uma betshelwa ukuthi abangaphuzi bese bengena emotweni, uma sebeboshiwe basitshela ukuthi bayaxolisa ngeke baphinde. Sikhathazekile ngoba lesi sibalo sikhulu kwazise uDisemba awukapheli. NgoNovemba wonke sibophe abawu-145 akade beshayela bephuzile, njengamanje sesibophe abawu-165. Kuseza amanye amaholidi, siyabacela abantu bangaphuzi bese beshayela,” kusho uSewpersad.
Ucele abashayeli ukuthi bashintshe indlela yokucabanga ngoba ukushayela uphuzile kuyicala kwazise usuke ufaka impilo yabanye abashayeli engozini.
Uphinde waveza ukuthi abaphuza emphakathini nabo bazovalelwa kungakhathaleki ukuthi basemabhishi noma bazihambela elokishini. “Sithole isikhalo emphakathini, bekhala ngokuthi amaphoyisa kamasipala ababophela ukuphuza esidlangalaleni. Sizoqhubeka nokubabopha ngoba ukuphuza esidlangalaleni kuwukuphula umthetho kamasipala, inhlawulo iwuR2 500,” kusho uSewpersad.
Uthe kuphinde kwaba nengozi yezimoto eziyisishiyagalolunye okuhlanganisa ne-ambulansi ebiphuthuma esigamekweni esithile, zonke zenzeke kuHigginson Highway emuva kokuthi umphakathi ususe amatshe abebekwe njengoba kulungiswa umgwaqo.
Uthe zintathu izingane ezilahleke ebhishi, akekho ogwilizile, iyodwa ingane elimele emuva kokushaywa ngebhodlela ebusweni.
Uphinde wakhala ngabantu abaphazamisa ukuqoqwa kukadoti ebhishi athe abafuni ukuthi abasebenzi bakwaDurban Solid Waste (DSW) basondele eduze kwabo uma bezoqoqa udoti,” kusho uSewpersad.