KUBHUNTSHE ukhetho lweNdlu yobuHoli boMdabu esifundeni iKing Cetshwayo ngesikhathi amakhosi eduba ukhetho.
Amakhosi akulesi sifunda akhethe ukuluduba ukhetho lwayizolo, ekhala ngokugxambukela kukahulumeni ezindabeni ezithinta ubuholi bomdabu.
Amakhosi esifundeni asesabise ngokuya enkantolo ukuyovimba ukuhlala kokhetho lokukhetha ubuholi besifundazwe, iKwaZuluNatal, okuhlelwe ukuthi lube ngesonto elizayo.
Okhulumela amakhosi angenelisekile esifundeni iKing Cetshwayo, inkosi Thembinkosi Xulu, ithe bebengeke baye okhethweni ekubeni uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, ungakaphenduli izikhalazo zabo.
“Ilokhu sasho ekuqaleni ukuthi asiyi okhethweni ngoba kunezimpendulo esingakazitholi. Thina besifuna ukwazi ngemiholo yezinduna nokuqashwa konobhala bezinkantolo zamakhosi kodwa uhulumeni wakhetha ukusiziba.”
UXulu ukuqinisekisile ukuthi bazoya enkantolo beyovimba ukhetho lwesifundazwe.
Umhlangano wayizolo bekufanele ukhethe abazomela iKing Cetshwayo okhethweni lwesifundazwe. Uma lungagcina luqhubekile ukhetho lwesifundazwe kungasho ukuthi iKing Cetshwayo ngeke imeleleke ebuholini KwaZulu-Natal.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZuluNatal, uMnuz Senzo Mzila, ukuqinisekisile ukubhuntsha kokhetho esifundeni iKing Cetshwayo.
“Amakhosi akhethe ukungabi yingxenye yokhetho yize kube nemizamo eminingi yomnyango yokuxoxa nawo.”
Uthe umnyango uzimisele ngokusebenzisana namakhosi aseKing Cetshwayo, ukuthola isisombululo ngaphambi kokhetho lwesifundazwe.
“Sizimisele ngokuthi bakwazi ukukhetha ubuholi babo ngaphambi kokuthi kukhethwe ubuholi besifundazwe, khona bezomeleleka nabo ebuholi besifundazwe.”
UMgcinimafa wenhlangano Ubumbano Lwezinduna, uMnuz Phakamani Dlamini, ukhale ngoqhekeko ebuholini bomdabu.
Uthe amakhosi amaningi akwezinye izifunda awazange abe yingxenye yokhetho.
“Lokhu kusho ukuthi kunenqwaba yamakhosi angazange asithathe isifungo sokuba yingxenye yeNdlu yobuHoli boMdabu. Lokhu kushiya imibuzo ukuthi ngabe ubuholi obukhethiwe buzohlonishwa yini?” kubuza uDlamini.
Le nhlangano ifuna luchithwe ukhetho. Kwezinye izifunda luqhubekile ukhetho.
Esifundeni uThukela, kukhethwe inkosi Ntsikayezwe Sithole njengosihlalo, eZululand kwakhethwa inkosi LD Ntshangase; kwathi eMajuba, kwakhethwa inkosi PSS Khumalo.