KUBHADANYWE iphara ligugusheka nembondela yamaCurriculum Vitae (CV) liyowadayisa okusolwa ukuthi beliwathathe emahhovisi kaMasipala KwaDukuza ngoMsombuluko.
Ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa lithi, lizithele phezu kwephara liqiqinga amabhokisi liwafaka enqoleni liyowadayisa lapho kugaywa khona amaphepha kabusha.
"Leli lungu lomphakathi lithe lethuka kwaphela nasozwanini libona inqwaba yamaCV ngoba bekusanda kumenyezelwa ukuthi abantu abawathumele kunezikhala njengoba kwakhiwa inxanxathela yezitolo.
"Lithe uma libuzwa iphara lathi kunowesifazane othe aliwathathe amaphepha awasasebenzi.
"Kuthiwa beliwathatha ehhovisi elungunombolo 9 lapho ashiywa khona abafaka izicelo.
"Kunezinsolo zokuthi le nqwaba yamaCV iyolahlwa ngoba sebevele bayaziwa abazongena kuleyo misebenzi.
"Ibuhlungu le nto ngoba nodadewethu nje uthumele iCV kodwa esetholakala elahlwe kanje, kulahlisa ithemba impela.
"Kukhona ukuqashana ngendlela esingayiqondi vele kulo masipala. Kuya ngokuthi wazana nobani khona," kusho lo mthombo.
Leli lungu lomphakathi liwuhlabe lawulawula kwavela inqwaba yabantu abafake izicelo abakhulume naleli phephandaba bacela ukuba amagama abo agodlwe.
"Ngonyaka odlule ngesikhathi kwakhiwa iJunction Mall benza into efanayo bathi, akuhanjiswe amaCV ekhanseleni nakwamasipala.
"Akekho owake wabizwa, kwagcina kuba netoyitoyi kwathiwa kuyaxoxwa kodwa akukaze kulunge namanje,’’ kusho omunye obefake isicelo.
Okhulumela uMasipala KwaDukuza uMnuz Sipho Mkhize uthe akaboni ukuthi bekungalahlwa amaCV abantu budedengu kanje.
"Siwumasipala onakekelayo, ngeke sibeke imininingwane yabantu engcupheni kanjalo.
"Okwephara angikaze ngilibone lithatha amaphepha kodwa thina amaCV uma efika siwagcina endaweni efanele ehhovisi likaSotswebhu,’’ kusho uMkhize.