SEKUBOSHWE abesilisa ababili abasolwa ngokuthinteka ecaleni lokubulawa kwebhungu laseMgungundlovu ngoMsombuluko. Amaphoyisa aseTaylors Halt ebenza uphenyo mayelana nokubulawa kukaNkanyiso Zondi (24) owabulawa ngokudutshulwa ngabasolwa abangaziwa. UZondi wadutshulwa esifubeni ngasohlangothini lwesinxele, wagcina ngokushona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe emuva kokuvulwa kwecala lokubulala, amathimba amaphoyisa alwa nezinhlobo ezahlukene zobugebengu agcwale izinkalo avundulula nezibhamu ezingekho emthethweni. UCaptain Gwala uthe abasolwa baboshwe emva kokutholwa kwezibhamu nezinhlamvu komunye umuzi kule ndawo.
"Ngesikhathi amaphoyisa enza uphenyo athole isibhamu esiyi-shortgun rifle, pistol, revolver ne-air rifle. Aphinde athola nezinhlamvu eziwu-212 kwase kuboshwa abasolwa ababili ngecala lokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni futhi bayathinteka nasecaleni lokubulala,"kusho uCaptain Gwala. Laba basolwa kulindeleke ukuthi bavele eNkantolo yeMantshi eMgungundlovu ngala macala.