IZONGENISA uR2 billion imigubho ye-ANC emnothweni waKwaZulu-Natal njengoba kutheleke abantu abangaphezu kuka-100 000 kuleli sonto.
Lezi zindaba zivezwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala osho lokhu emuva kokuthi iPhini leMenenja kaMasipala weTheku uMnuz Phillip Sithole lithe wonke amahhotela amakhulu nagudle ulwandle agcwele njengoba kunemicimbi yemigubho yeminyaka ewu-107 yokusungulwa kwe-ANC.
USithole uthe abafuna izindawo zokulala kufanele babheke amaBed and Breakfasts nezinye izindawo ezihlala izivakashi.
UZikalala uthe njengoba i-ANC izoba nomgubho omkhulu kusasa eMoses Mabhida izinkampani zokuvakasha zithe konke kuhamba kahle futhi kuhlomule izindawo ezihlukene ezilala izivakashi KwaZulu-Natal ngoba abaholi be-ANC bebethe chithisaka kwisifundazwe sonke. “Siwuqala kahle unyaka ngoba nomkhankaso wethu wokwandisa izivakashi uthela izithelo ezinhle ngoba ucwaningo luveza ukuthi kufike izivakashi eziwu-2 000 zakwamanye amazwe angaphandle ezinyangeni zokuqala ezintathu zika-2018. Sifuna nokunyusa isibalo sezivakashi zangaphakathi, sikhulise nemali engenayo ibe phakathi kukaR65 billion noR98 billion kule minyaka emibili ezayo,” kusho uZikalala.
Uthe lokhu kuzoqinisekisa ukuthi bayafinyelela ohlelweni lwabo lokwakha amathuba omsebenzi awu-183 000 kwezokuvakasha kule minyaka emibili ezayo bahehe nezivakashi eziwu-3.4 million zakwamanye amazwe ngo-2030.