IZINHLANGANO zomphakathi i-Afriforum ne-Solidarity zisabisa ngokufaka uhulumeni enkantolo ukuze zimphoqe ukuthi ashintshe isinqumo sokuthi kube yiwona kuphela okwazi ukuthenga usabalalise umgomo wegciwane iCorona.
Lokhu kwenzeke emuva kokuthi uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli Mkhize ememezele ukuthi uhulumeni uzozama konke okusemandleni ukusabalalisa umgomo weCovid-19.
UMkhize uthe elakuleli lizothola umgomo ovela e-India obalelwa ku1 million ozonikwa abasebenzi bezempilo bese kufika ongu-500 000 ngenyanga ezayo. Kuthiwa umgomo uthengwe enkampanini iSerum Institute of India. I-Afriforum neSolidarity bathi sebeyalele abameli babo ukuthi bafake amaphepha enkantolo baphosele inselelo isinqumo sikahulumeni sokungafuni abanye basabalalise umgomo. Okhulumela i-Afriforum uMnuz Ernst van Zyl uthe ngesikhathi kuvalwe izwe kwacaca ukuthi uma uhulumeni enza izinto yedwa kudlanga inkohlakalo nokubheda kwezinto.
''Yingakho ke i-Afriforum izama konke okusemandleni ukuvimba ukuxhashazwa kwezinsiza zombuso namandla. Sibona kufanele nabezempilo abazimele bavunyelwe ukusabalalisa umgomo weCovid-19,'' kusho uvan Zyl.
Lokhu kufakazelwe yiNhloko yezoCwaningo kwiSolidarity uMnuz Cornie Mulder othe uhulumeni udumile ngokwehluleka kanti njengamanje akufanele kube nento engahambi kahle ngoba yisikhathi esibi sobhubhane lweCorona.