BAZOHLEKA bodwa abashayeli bezimoto njengoba uphethroli uzokwehla ngoR1.84 ilitha kuthi udizili wehle ngoR1.45 ilitha.
Lezi zindaba zimenyezelwe yiCentral Energy Fund eveze ukuthi ukudlondlobala kweRandi ngoNovemba yikona okuholele ekwehleni kukaphethroli.
Ilitha likapharafini lizokwehla ngoR1.33 ngoLwesithathu.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa, sithe ukwehliswa kukaphethroli kwenziwa wukudlondlobala kweRandi okusho ukuthi uma kuthengwa u-oyela ongahluziwe akudli imali eningi.
“IRandi libiza uR14.72 uma liqhathaniswa nedola laseMelika (US) okusho ukuthi akuhambi imali enkulu uma sithenga. Intengo ka-oyela ongahluziwe yehlile noNovemba 1 isuka edoleni * -US$74.66 yaya ku-US$58 ngoNovemba 29,” kusho uDumisa.
Inhlangano eyenza ucwaningo ngezindaba ezithinta izimoto, i-Automobile Association (AA), ithe yize uphethroli wehla kodwa abathengi bangase bangayiboni le mali ngenxa yentela ekhokhwa kwilitha nelitha likaphethroli.
“Abashayeli bazowubona umehluko uma beyothela uphethroli ngenxa yokuthi yehlile intengo ka-oyela ongahluziwe. Akucaci ukuthi intengo kaphethroli izokwehla yini ekuqaleni konyaka ozayo kodwa siyathemba ukuthi kuzoba nozinzo,” kusho abe-AA.