NJENGOBA zanda izikhungo zemfundo ephakeme kuleli ezibhunga eyokuthi kube yimpoqo ukuthi izitshudeni nabasebenzi bagomele iCovid-19, isikhulu esiphezulu seHigher Health, okuwuhlaka olusemnyangweni wemfundo ephakeme, sithi kuseva ukuthi ukugoma kungenziwa impoqo.
USolwazi Ramneek Ahluwalia uthe okunalokho kumele kuqhutshekwe nokugqugquzela izitshudeni ukuthi zigomele leli gciwane ngoba ikhona ingxenyana esabela leli khwelo.
Uthe kusanda kuvulelwa abaneminyaka engu-18 ukuthi bagome, ngakho kuseva ukuthi kungakhulunywa eyokuthi kube yimpoqo ukugoma ngaphambi kokuba kubonakale ukuthi bangaki abasazophuma bezogoma.
“Imikhandlu yezitshudeni iyayichitha eyokuthi kube yimpoqo ukuthi izitshudeni zigome. Akuqhutshekwe nezingxoxo ngoba noma kusagome abancane, kodwa ngikholelwa ekutheni baningi abanye abasazophuma beyogoma.”
Uthe izikhungo zihlukile ngakho kumele zithathe izinqumo ngokuhlukana.
Usho lokhu nje enyuvesi iWits, enyuvesi yaseKapa naseFree State, kubhungwa eyokuthi kumele kube yimpoqo ukuthi izitshudeni zigome.
Izolo iNyuvesi yaseKapa ibe nengxoxo nabasebenzi ngalolu daba kanti namhlanje izoba nengxoxo efanayo nezitshudeni.
Isitatimende esikhishwe yile nyuvesi, sithe emuva kwalezi zingxoxo udaba luya emhlanganweni wesigungu esiphezulu esilawula le nyuvesi.
“Izikhulu zenyuvesi zizodlulisa imibono yabasebenzi nezitshudeni emhlanganweni wesigungu esilawula inyuvesi ngoMgqibelo. Lo mkhandlu wenyuvesi iwona ozophuma nomkhombandlela.”
ISenate yale nyuvesi yavumelana ngo-elethu ukuthi kumele kube yimpoqo ukuthi izitshudeni zigome.
Umkhandlu wezitshudeni eWits uchitha eyokuthi kube yimpoqo ukuthi kugonywe izitshudeni.
UNhlonipho Nxumalo unobhala jikelele womkhandlu wezitshudeni, uthe abahambisani nesiphakamiso sethimba eliphezulu sokuthi kube yimpoqo ukugoma kwezitshudeni.
Uthe le migomo ekhishwe yileli thimba ibinxenxa ukuthi kuphawulwe kuyona kuleli sonto.
“Asihambisani nalokhu ngoba imigomo yesikhungo ithi labo abangagomi, kumele bahlolwe masonto onke ngemali yabo ukuthi abanalo yini leli gciwane. Imigomo ithi uma ungagomile ngeke ukwazi ukwenza ezinye zezinto enyuvesi okuyinto esingahambisani nayo.”
Uthe abangagomile ngeke bathamele nemicimbi yokuthweswa kwemiyezane, ngeke bavunyelwe nokungena enyuvesi, okusho ukuthi kuzongena abantu abenemali abazokwazi ukuzihlola ngemali yabo.
Okhulumela inyuvesi uNksz Shirona Patel, uthe uma sebethole zonke iziphakamiso, bazozibeka ezithebeni zomkhandlu olawula inyuvesi ukuze kube yiwo ozothatha isinqumo.
Uthe baphakamise lokhu ukuze kwehle ukuthelelana kwabantu ngaleli gciwane futhi ukuze kukwazi ukuthi kube nemicimbi.
“Siyinyuvesi efundisa ngokuthi abantu babe semakilasini, ngakho kubalulekile ukuthi bagome. Ukugoma kuzovikela abaningi enyuvesi. Sithi abasebenzi nezitshudeni kumele baveze ukuthi bagomile, ngokuba namakhadi azohlanganiswa nezinto zabo zokungena enyuvesi. Abangaphansi kuka-18 weminyaka kanjalo nalabo abangavumelekile ukugoma ngenxa yezempilo, ngeke kudingeke lokhu kubona.”
Enyuvesi yaseFree State umkhandlu wezitshudeni uyayichitha eyokuthi kusuka ngonyaka ozayo zonke izitshudeni kumele zibe sezigomile ukuze zikwazi ukungena kule nyuvesi.
Lo mkhandlu uthe kusamele kubhungwe kabanzi ngalesi siphakamiso kodwa zingaphoqwa izitshudeni ngoba akekho ophoqiwe ezweni ukuthi agome.