IGCINE ifaka imiyalezo ixolisa i-ANC kwiTwitter, emuva kokuthi ihlangane nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.
I-ANC iqhuba umkhankaso wayo obizwa nge-ANC Friday ezinkundleni zokuxhumana, lapho isuke ivukuza khona abantu njalo ngoLwesihlanu.
ULwesihlanu lwaleli sonto lube muncu kakhulu kuKhongolose, njengoba bethe bayawuqala umkhankaso, kwasuka umsindo. Abantu bashiye abangalazi kwiTwitter bekhala ngokuthi bakhathele yi-ANC, beyisola ngenkohlakalo nangokweba imali yomphakathi ekubeni abantu behlaselwe wububha nendlala. Baze bavula i-hashtag ethi, #voetsekANC. UMnuz Mzwanele Manyi we-ATM ubuze ukuthi yiliphi iqembu elizihola phambili ngenkohlakalo, yize i-ANC ihambe phambili kodwa ne-EFF ayisalanga ngaphandle.
UMnuz Carl Niehaus ucele amalungu e-ANC ukuthi ayeke ukubukela phansi amavoti abantu. U-@masegomfoloex ephendula u-@MbalulaFikile uthe i-ANC iyantshontsha, inenkohlakalo, iqoka ongqongqoshe abangawufanele umsebenzi, ibenzele phansi abantu abamnyama kanjalo nogqozi nofuqufuqu lwango-1994. Abanye baqhubeke ne-hashtag ethuka le nhlangano bezwakalisa ukunengeka kwabo ngenkohlakalo eyenziwa ngamalungu ale nhlangano.
Ithe isuka nayo ekhasini layo kuTwitter yafaka imiyalezo ivuma amaphutha ayo ithi iyazama ukulungisa.
Okhulumela i-ANC uMnuz Pule Mabe akatholakalanga ukuthi aphawule kodwa ngesikhathi ethintwa uthumele umyalezo wokuthi akakwazi ukukhuluma lapho ebekhona. Ugcine engabuyelanga ukuzophendula ngoba ubethunyelelwe umbuzo ngodaba lokuhlaselwa kukaKhongolose.
Kwenzeka konke lokhu nje, zishubile izinsolo ngabaholi benhlangano okuthiwa bayazicebisa noma kuliwa neCorona.
Okhulumela ihhovisi likamengameli uNkk Khusela Diko uhlabe ikhefu emuva kokuvela kwezinsolo ngethenda kaR125 million etholwe wumyeni wakhe ngenkampani iRoyal Bhaca. Kuthiwa inkampani iqokelwe ukuhlinzeka ngezimpahla zokuvikela iCorona.
Indaba yethenda ithinta noNgqongqoshe wezeMpilo eGauteng uDkt Bandile Masuku nomkakhe nabo abahlabe ikhefu ngesikhathi kusaphenywa udaba lwethenda. Kuvela ukuthi kukhona okungahambanga kahle ekukhishweni kwamathenda.
Esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe eGoli ngoLwesihlanu, uNdunankulu waseGauteng uMnuz David Makhura uthe kumphoxe kakhulu okwenzeke eMnyangweni wezeMpilo esifundazweni sakhe, kwazise kuthinta nongqongqoshe walo mnyango obesebenza ngokuzikhandla. Uveze ukuthi zingu-102 izinkampani ezisazophenywa mayelana nokuthola amathenda kulo mnyango kodwa ugcizelele ekutheni akasho ukuthi zonke lezi zinkampani zibe nobugebengu.