UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Susan Shabangu uthi useyithathele izinyathelo zomthetho inkampani ebidonsa imali kwabahola izibonelelo zikahulumeni iGrindrod.
UNksz Shabangu udalule lezi zindaba izolo emuva kokuthi ikomidi longqongqoshe ekade liholwa nguDkt Nkosazana Dlamini-Zuma limemezele ukuthi abantu ngeke basebenzise amakhadi eCash Paymaster Service (CPS) ukuhola izibonelelo zikahulumeni ekupheleni kukaSepthemba.
Utshele izintatheli ukuthi iGrindrod ehweba eJSE, ibidonsa o-R10 ngokungemthetho kwabahola izibonelelo zikahulumeni, lesi senzo saholela ekutheni iBlack Sash nezinye izinhlangano ezisebenzela umphakathi ziyihambise enkantolo yomthethosisekelo.
Uthe ngokuthatha izinyathelo zomthetho ufuna iGrindrod ibuyise imali eyayithatha kubantu.
Uveze ukuthi uphenyo olwenziwe ngumnyango wakhe luthole ukuthi iCPS, Net1 neGrindrod yinkampani eyodwa kodwa isebenzisa amagama ahlukene ukukhangisa imikhiqizo yayo.
UMnuz Chris Newland, wakwaGrindrod uthe abazi lutho ngezinyathelo zomthetho ezithathwe ngungqongqoshe.
Uthe ngesikhathi iCPS inikwa ithenda iSassa yayikhokha u-R16.44 okusho ukuthi babengadonsi mali kwabahola isibonelelo.
"Ngesikhathi iSassa iyeka ukukhokha u-R16.44 , abahola izibonenelo bebedonselwa u-R10, iGrindrod ibithola u-50 cent ngokusetshenziswa kwengqalasizinda yayo yokubhanga," kusho uNewland.
Ungqongqoshe wezokuXhumana, uNkk Nomvula Mokonyane uthe sebethathe izinyathelo zomthetho kubantu abavimbela abahola izibonelelo zikahulumeni ukuthi bashintshele emakhadini amasha.
Isikhulu sakwaCPS uMnuz Herman Kotze uthe zazikhona izinkinga kodwa manje sezixazululiwe.
UNkk Mokonyane uthe amakhadi amasha ngeke abe nezindleko futhi ayikho imali ezodonswa kuwona.