KULINDELEKE ukuba anqume namhlanje uSihlalo weKhomishini ephenya ngokulawulwa koMbuso yidlanzana iJaji uRaymond Zondo, ngesicelo esifakwe owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma, obecela ukuba ahoxe kulesi sihlalo ngoba emsola ngokuchema.
Izolo uZondo uthe kusamele acubungulule kahle imiqingo yesicelo sikaZuma, bese ekhipha isinqumo.
UZondo uthe isinqumo uzosikhipha namhlanje, uma kwenzeka singamvuni uZuma kumele aqale aphendule ngobufakazi obumthintayo mayelana nezinto eziningi ezithinta nodaba lomndeni wakwaGupta.
UZuma ngeke abe yingxenye yekhomishini namhlanje njengoba kuvele ukuthi kushoniwe emndenini.
UZondo uvumile wabe esethi ngakusasa kumele abekhona ngoba uma ekhipha isinqumo esingeke simvune kumele kuqhubeke umsebenzi.
UZuma ufake isicelo ngokusemthethweni ngoMsombuluko, lapho enxuse khona uZondo ukuba angabi yingxenye yekhomishini uma yena esefakaza ngoba banobudlelwane.
UZuma ubale ofakazi abambalwa athi kwakubukeka sengathi uZondo uchema nabo kwababekusho ngakho uzizwa sengathi ngeke kube khona ubulungiswa uma esethula obakhe ubufakazi.
Ohola ubufakazi u-Advocate Paul Pretorius, uchithe okuvezwe uZuma wathi akukho sizathu esingenza kube nokwenzelela noma ukuchema uma uZuma esefakaza.
Ummeli kaZuma u-Advocate Muzi Sikhakhane uveze ukuthi uZuma noZondo bebenobudlelwane ngesikhathi eqokwa eba yijaji ngo-1997. UZondo ukuphikile lokho.