KUKHALWA ngonogada abanesihluku, kubulawa ngodutshulwa owesilisa obethengela inyama yenhloko erenki yamatekisi ahamba ibanga elide KwaDukuza, ngoLwesihlanu.
Ngokuthola kweSolezwengomthombo ozibonele isigameko ukusuka nokuhlala, uMnuz Sihle Mbonambi (34) waseGroutville ufike erenki ehambela ngemoto yakhe encane.
Kuthiwa uthe engena nje erenki, wavinjwa wonogada bambuza ukuthi ulibangisephi.
“Akazange adaze inkani, wehlise iwindi, wabachazela ukuthi ufuna ukuthenga inhloko komama abadayisa ukudla okuvuthiwe erenki. Bamnqabele ukuthi angene ngemoto, bathi azingeni izimoto ezincane erenki,” kusho umthombo.
Umthombo uthe akadazanga inkani umufi, upake imoto yakhe eceleni wangena ngezinyawo.
“Sithe sibona, omunye wonogada wamdubula ekhanda. Uthe noma esewe phansi waqhubela wamdubula ekhanda,” kuchaza umthombo.
Umthombo uveze ukuthi onogada banezinyanga ezimbalwa befikile erenki kodwa kukhalwa ngesihluku sabo nxazonke.“Banomkhuba wokushaya ngisho abashayeli bamatekisi. Banesihluku,” kusho umthombo.
Uthe into ebuhlungu wukuthi onogada bahlukumeza abantu nje, bakhokhelwa wosomatekisi imali engangoR150 itekisi ngayinye ngelanga. Udalule ukuthi leyo mali iyimpoqo.Uveze ukuthi inhlangano iSouth African National Taxi Council (Santaco) esifundazweni noMnyango wezokuThutha, banolwazi ngokulethwa konogada emarenki amatekisi ahamba ibanga elide KwaZulu-Natal.
Ilungu lomndeni kamufi elicele ukuthi lingadalulwa, lithe okubaphatha kabi kunakho konke wukuthi umufi ubengezile erenki ngempi futhi ubehamba ngisho nomndeni wakhe.
“Sididekile ngoba ubengaphethe sikhali futhi akadazanga nkani uma bemtshela ukuthi izimoto ezincane azingeni erenki, waqoka ukuyishiya khona lapho, wangena ngezinyawo. Okunye okusizwisa ubuhlungu wukuthi ubehamba nezingane zakwabo ezincane. Zibonile ebulawa kabuhlungu wunogada,” kusho ilungu.
Okhulumela iSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Mdu Makhunga uthe sebezwile ngesigameko kodwa ngokuthola kwabo umuntu odutshuliwe ubezogcweleza erenki.
“NgokwabeLembe yisigcwelegcwele ebesizogcweleza erenki.
Ngokwenqubomgomo yonogada emarenki, basuke beqinisekisa ezokuphepha. Siyakuqonda-ke ukuthi akekho umuntu onemvume yokudubula abulale umuntu. Yingakho sithi okwenzekile sesikushiyela ezandleni zamaphoyisa,” kusho uMakhunga.
Uthe onogada akusibo abeSantaco kodwa ngabakasoseshini waKwaDukuza.
Unobhala kasoseshini waKwaDukuza, uMnuz Bheki Gumede, naye uziqhelelanisile nesigameko wathi yize ingxenye yerenki okwenzeke kuyo isigameko isetshenziswa amatekisi kasoseshini waKwaDukuza ngokubambisana nowaKwaMaphumulo kodwa iphethwe isifundazwe njengoba ihamba amatekisi ahamba ibanga elide.
“Ngizwile ngesigameko kodwa bekuyinzwabethi. Akukho engingakuphawula ngaso,” kusho uGumede.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isigameko. Uthe amaphoyisa aKwaDukuza abiziwe endaweni yesehlo lapho bekudutshulwe khona umufi.
“Umsolwa uboshiwe ngalo usuku lwesigameko. Ugqunywe esitokisini KwaDukuza. Kulindeleke ukuthi avele eNkantolo yeMantshi yaKwaDukuza maduze,” kusho uConst Ngcobo.