ISHIYE kukhalwa imihlangano yokukhetha abazomela i-ANC okhethweni lohulumeni basekhaya KwaZulu-Natal.
Imihlangano ebingempelasonto idlule nemiphefumulo, abanye bangeniswa ezibhedlela belimele.
Eminye imihlangano igcine ibhuntshile ngenxa yezinxushunxushu.
Imihlangano ivele ibe sezindaweni ezikhungethwe imidonsiswano, ezehluleka ukuba nemihlangano ngaphambi komnqamulajuqu wangenyanga edlule.
Kwisifunda saseThekwini, kushone abantu abathathu emva kokuba abalisa abangaziwa bevulele ngenhlamvu kubantu abebevotela ozomela i-ANC okhethweni.
Isigameko senzeke ngoMgqibelo ntambama, ngaphandle kwamasango esikole eBuhlebethu Primary, eNewtown C, eNanda.
Kulesi sigameko kushone uNkk Beatrice Dlamini (78) waseMzomusha kwaBester, Nksz Philisiwe Jili (39) noNksz Ncami Shange (34) baseBhambayi.
Ikhansela lendawo, uMnuz Sicebi Mandlakayise Mkhwanazi, lithe bekukade kuphakanyiswe amagama amahlanu abezoncintisana embangweni wokumela i-ANC okhethweni.
Ngesikhathi sekuyiwa emphakathini, kube sekuphakanyiswa igama likaMkhwanazi.
“Kube nokukhuluma okubekhona umphakathi ucela igama lami ukuthi libekhona. Obeyisithunywa se-ANC kulolu khetho uthe ngoba igama lami alikho kungcono ngibhale phansi ngenze umbiko bese kuyaqhutshekwa kuyavotwa. Kuvunyelwene ukuthi igama lami lingene kwabazovotelwa bese kuyavotwa. Kuthe sekuqala ukuvota kwenzeka le nto eyenzeklile,” kusho uMkhwanazi.
UMkhwanazi uthe lesi sigameko senzeke amaphoyisa engekho.
Uthe amaphoyisa kaMasipala weTheku afikile ezoqapha isimo kodwa awahlalanga ekhala ngendawo yokupaka ethi ayikho, athembisa ukuthi azolokhu ezulazula.
Kwisifunda iMoses Mabhida, omunye walabo abaphakanyiselwe kwesobukhansela, ubangwa nezibi esibhedlela.
UMnuz Mlu Zondi, waseCopsville, eMgungundlovu, usinde kukubi egwazwa umlisa owaziwayo esikhungweni obekukhethwa kuso ozomela i-ANC.
UZondi ungunobhala weSACP ne-ANCYL egatsheni.
Osondelene noZondi, uMnuz Thabiso Zulu, odume ngokulwa nenkohlakalo, uthe uZondi ugwazwe esanda kufika esikhungweni sokuvota iHaniville.
“Uqale wavinjwa isixuku esimbuze ukuthi uphi uZulu. Noma ngingazi ukuthi bekushiwo muphi uZulu, kodwa ngisole sengathi bebebuza mina.
“Kuthe kusenjalo kwaqhamuka umuntu wamgwaza. Okubuhlungu ugwazwe phambi kukanina. Unina ukhale wathi ’ingane yami isingaze ibulawe phambi kwami.”
UZulu uthe umuntu ogwaze uZondi wehle emotweni yomuntu oqavile.
Uthe lesi sigameko senzeke phambi kwamaphoyisa, kepha uZondi uyalelwe ukuba ayovula icala esiteshini samaphoyisa.
Kwezinye izingxenye zesifundazwe kube nemibiko yokubhuntsha kwemihlangano ngenxa yezinxushunxushu.
Kwamanye amagatsha kuthiwa kuze kwakhishelwana izibhamu.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Nhlakanipho Ntombela, uvumile ukuthi kube nezinxushunxushu emihlanganweni yokukhetha abazomela i-ANC.
Uthe njengamanje basalinde imibiko eqhamuka kwizifunda ngokwenzekile ngempelasonto.
“Esingakuqinisekisa yilokhu okwenzeke kuWard 54 (eNanda).
“Ubuholi besifunda buzohambela imindeni. Siyethemba ukuthi amaphoyisa azowenza umsebenzi wawo ngoba le nto iwubugebengu.”