LISAZOYIDLIVA izulu nakuleli sonto kwazise izangoma zezulu zithi amathuba okuna kwemvula ami ku-60% namuhla.
Isazi sezulu sakwaSA Weather Service KwaZulu-Natal, uMnuz Wisani Maluleke, sithe imvula yanamuhla izohambisana nokuduma kwezulu.
Uthe imvula ilindeleke kuzo zonke izindawo zaKwaZulu-Natal kusukela namuhla kuze kube wuLwesihlanu.
“Sicela abantu bahlale beqaphile ngoba imvula enayo ihambisana nokuduma kwezulu, umoya onamandla nesichotho kwezinye izindawo. Sicela balalele izixwayiso zethu esizikhiphayo,” kusho uMaluleke.
Kulindeleke ukuthi namhlanje amazinga okushisa eThekwini abe phakathi kuka-17-23º ahambisane no-60% wemvula.
Olundi abe phakathi kuka 6-20º ahambisane no-60% wemvula.
ENewcastle kulindelwe * -50% wemvula ozohambisana nokuduma kwezulu ntambama.
Abantu sebebulawe yizehlo eziphathelene nemvula KwaZulu-Natal kusukela ngo-Okthoba bawu-19.
UMnuz Lennox Mabaso, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uthe abantu abaningi babulawe wumbani nokudilikelwa yizindlu.
Ucele abantu ukuthi baqaphele ngoba yize izulu libuye liphenye kodwa umhlabathi awomi kahle okusho ukuthi kufanele bacophelele.
Abathikamezwe yimvula bakhosele emahholo, ezihlotsheni nasezindaweni eziphephile zikahulumeni.
Uthe amathimba ezimo eziphuthumayo ami ngomumo kuzo zonke izingxenye zeKwaZulu-Natal ukulekelela abadinga usizo.