SELUQALE phansi uvalo kwizitshudeni kulandela ukutholakala kofundisa eDurban University of Technology (DUT), ebulewe ezindlini ezihlala izitshudeni izolo ekuseni.
UDkt Euvette Taylor (30), utholwe izolo endlini yakhe eWinterton, enezibazi ezikhomba ukuthi ushayiwe, eseshonile.
Ukushona kwakhe kulandela isigameko sangesonto eledlule sokushona komfundi, uMlungisi Madonsela, okuthiwa wadutshulwa onogada ababeqaphe e-DUT ngesikhathi bezama ukuhlakaza isixuku sabafundi.
Ngaphandle kokufundisa kulesi sikhungo uDkt Taylor ubengumphathi wezindlu okuhlala kuzo abafundi. Utholwe ngemuva kokuthi umfundi ezame ukungqongqoza endlini yakhe wangavula. Ube esebikela onogada, kwavulwa endlini kwatholakala ukuthi ubulewe.
Ngokuthola kweSolezwe kune-CCTV eveza umngani kamufi, efika naye kulesi sikhungo behamba ngokukhululeka. Kubonakala bengena endlini ngemuva kwalokho kubonakale umngani osolwayo esephuma ehamba yedwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe kuvulwe icala lokubulala, umngani akakatholakali.
“Namhlanje ekuseni ngo-10:21 owesilisa oneminyaka engu-30 utholwe endlini yakhe, ezindlini ezihlala abafundi enamanxeba okushaywa. Kuvulwe icala lokubulala esiteshini saseBerea. Imoto yakhe i-VW Amarok, itholwe ishiywe emgwaqweni uPikinini kwa-L eMlaza. Amaphoyisa asalandela umkhondo ngowesilisa osolwayo,” kusho uCol Mbele.
Umengameli wophiko lwabafundi e-DUT uSesiyanda Godlimpi uthe, bashaqekile futhi banovalo njengoba sekungokwesibili kuphuma isidumbu kulesi sikhungo.
“Njengoba sasho ukuthi asiphephile singabafundi ngenxa yenkampani eqapha lapha eDUT, kuqale kwabulawa umfundi ngesandla sonogada, manje kushona umuntu ezindlini zabafundi, onogada abanalo ulwazi ngokuthi kwenzeke kanjani lokhu. Singabafundi siyesaba. Okushaqisa kakhulu wukuthi osolwa ngokubulala uphume kulawa masango okuthiwa agadiwe ngemoto kamufi,” kusho uSesiyanda.
Izolo bekunezinsolo zokuthi omubulele ngomunye umfundi kodwa uSesiyanda ukuchithile lokhu. Uthe umngani osolwayo akayena umfundi wasesikhungweni sabo.
Uthe njengoba sizovulwa isikhungo namhlanje, ngeke aqale amakilasi kuze kube bathola izimpendulo ngezikhalo zabo, okukhona nesokuphepha kwabafundi njengoba befuna ishintshwe inkampani yonogada e-DUT.
Uthe cishe ngesonto elizayo bazobuyela emakilasini uma begculiseka, uma kungenjalo bazoqhubeka nombhikisho kuze kube bayezwakala.
Owezokuxhumana e-DUT uMnuz Alan Khan uthe, bayazi ngalesi sigameko. Ucele ukududuza umndeni kamufi nabangani nabesikhungo, wathi basalinde uphenyo lwamaphoyisa njengoba kungakacaci ukuthi kwenzekni kulesi sigameko.
Imizamo yeSolezwe yokuthola abomndeni kamufi ukuba baphawule ayizange iphumelele izolo njengoba izinombolo zawo zingatholakalanga.