INDODANA yezimpunyela zaseThekwini zakwaMpisane, u-Andile, ikhwele yadilika kuyise emsola ngokweba iphupho layo ebelifezekiswa unina lokuba neqembu likanobhutshuzwayo.
U-Andile ushicilele izitatimende ezimbili ezinde ekhasini lakhe ku-Instagram lapho asole khona uyise uMnuz Sbu Mpisane ngokudla amandla kanina uShauwn eminyakeni engu-20 edlule.
Ebhala u-Andile uveze ukuthi ukhule engumuntu obelithanda ibhola kwazise wadlalela u-under 13 waMaZulu eneminyaka ewu-11, esekwa unina kuphela ‘nakuba wayematasa ethuthukisa amabhizinisi akhe.’
“Wabona uthando enganginalo ngebhola, wazithweza ijoka lokungithengela iqembu okwakuyiSivusta Football Club ngemali yakhe enephupho lokuthi akhulise into engiyithandayo. Wangena wagamanxa kwezikanobhutshuzwayo kuleli.
Wazinikela nangesikhathi umyeni wakhe eselaxaze iqembu iminyaka emibili, libhekene nezembe kusele imidlalo eyishumi nje kuphela. Ukwenze lokho ngoba leli qembu bekungeyona nje into yokubukisa, ubekuhlonipha okudingeka ukuthi ukwenze ukuze ube neqembu elinempumelelo, kwazise ubefuna ngibe nesandla ekuphathweni kwaleli qembu uma sengikhulile,” usho kanje.
UMpisane uthe sekuneminyaka ebuka unina ezehlisa ukuze aqhakambise umyeni wakhe, emnikeza izikhundla ‘kwaziwa ukuthi akenzi lutho’.
“Ngeshwa into ayithengela mina, yadala isimo esimuncu phakathi kwami nomyeni wakhe. Kusukela ngo-2014 uziqhelelanisile nami. Nami ngiqhelile kuye ngoba njengebhungu bese ngiqale ukubona indlela aphatha ngayo umama wami,” kuqhuba yena.
UMpisane uveze ukuthi kube buhlungu kuyena ukuvalelisa iqembu elalithengelwe yena kodwa wathi uncamela lokho kunokuphila engajabule.
FUNDA:
U-Andile nonina baphoqelekile ukuhoxa ekuphatheni iRoyal Eagles emuva kokuthi iPremier Soccer League (PSL) iqale uphenyo ngokubhaliswa kweqembu.
Lokhu kulandele isexwayiyo sikasihlalo we-Eagles, uSbu Mpisane, sokuthi ukuqala imidlalo ye-GladAfrica Championship kweRoyal Eagles ngaphansi kwegama iRoyal AM Football Club, yena njengomnikazi angalazi, bekungenza labo abathintekayo bazidonsele amanzi ngomsele ngokuthi iqembu lidonselwe amaphuzu kuyona yonke imidlalo elizoyidlala ngaphansi kwaleli gama.
Ngaphandle kwezinkinga zeqembu, uMpisane uphinde waveza ukuthi sekuphele iminyaka emibili bengakhulumisani noyise futhi yingakho engasambizi ngobaba.
“Ngimbiza ngomyeni wakhe ngoba akaseyena ubaba kimi. Ubaba ngeke kuphele iminyaka emibili engakhulumi nendodana yakhe. Ubaba ngeke aqambe amanga atshontshe okwakhelwe indodana yakhe. Ubaba akebi kunina wengane okubekelwe indoda yakhe,” kuloba yena.
Lezi ziqumana zisenkantolo lapho zifake khona isecelo sokwehlukanisa umshado. UMpisane uveze ukuthi uyise ubengathembekile kunina njengoba enezingane ezine zangaphandla ‘azaziyo’.