UDINWE uyaveva umphakathi waseZinembeni, eMaqongqo, ngaphandle kwaseMgungundlovu, nomndeni wesitshudeni esineminyaka engu-21 esitholwe sibulewe ngesihluku esitolo sendawo.
UNdumiso Mkhize (21) obenza izifundo zeScience eNyuvesi yaKwaZulu-Natal (UKZN) utholwe ebulewe ngeSonto kwesinye sezitolo zendawo, abangani bakhe ababili okuthiwa ubehamba nabo bona balimale kanzima,
basesibhedlela.
Laba bafana abathathu akwaziwa ukuthi badutshulwe ngubani kulesi sitolo, namaphoyisa akakabophi muntu ngesigameko.
Ngokuthola kweSolezwe abasesitolo nabo bayazihlangula bathi abanalwazi bavuke sekunesidumbu egcekeni.
Unina kamufi, uNkk Mabongi Gumede, obekhihla isililo ngendodana yakhe enguzinyo bulala, uthe ingane yakhe ibulawe okwesilwane.
“Okusiphatha kabi njengomndeni wukuthi ingane yami ibulawe ngesihluku kodwa akatholakali umuntu oyibulele. Kubuhlungu ukuthi ingane yami idutshulwe esitolo kodwa akekho onolwazi ngokubulawa kwayo kuthiwa kuyaphenywa. Ingane yami ibulawiswe okwenja yadutshulwa ngesibhamu sokuzingela. Idubuleke esifubeni. Nasendaweni yesigameko siyifice isabambe isifuba ngesandla,” kusho uNkk Gumede ekhala.
Umndeni kamufi uthe ufuna ubulungiswa ngokubulawa kwakhe.
“Ngifuna ubulungiswa ngengane yami ebiyithemba lami njengoba beyenza izifundo seScience. Mina ngizisebenzela ezitolo eMgungundlovu. Ithemba lami lonke bengilibeke kuyona. Lo muntu ubenezingane ezimbili, eneminyaka emibili nenowodwa. Unina wengane endala uzithwele unezinyanga ezine,” kusho uNkk Gumede ekhala.
Uthe ingane yakhe kuthiwa ibifake i-screwdriver ephaketheni layo ngesikhathi ibulawa.
“Angazi ukuthi bebefunani esitolo ebusuku sekuvaliwe, angiyena nomuntu ovikela izingane uma beziyoganga bekumele ziboshwe zingabulawa,” kusho uNkk Gumede.
Ilungu lomphakathi elikhulume neSolezwe lacela ukungadalulwa lithe okubadinile wukuthi kungani kungaphenyisiswa kuboshwe umuntu obulele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe icala lokubulala esiteshini saseBishopstowe, uphenyo lusaqhubeka kanti imbangela yokubulawa kukamufi ayaziwa. Akekho osaboshiwe. Amaphoyisa acele abanolwazi ngokubulawa kwesitshudeni ukuba baxhumane nanoma yisiphi isiteshi samaphoyisa.