USEPHENDUKE ihlaya owesilisa waseMagabheni, ngemva kokubhuntsha kwezinhlelo zokuthi ayocela, ambese futhi kumule ingoduso yakhe enyamalale yaze yabuya ngoMgqibelo ebusuku, abantu sebehlanze ngedela.
UMnuz Thanduxolo “Maqa” Mjodi, ongumnikazi weMaqa’s Place, okuyindawo yobumnandi eseMagabheni, ukhala uyazithulisa ngemali yakhe echithekile elungisela umicimbi egcine ingenzekanga ngempelasonto edlule.
Elandisa Isolezwe ngeSonto, uthe kwaphoqeleka ukuthi kudliwe Ingasenzekanga imicimbi ebihleliwe emuva kokunyamalala kwengoduso ngoLwesihlanu, yaze yabuya sekuhlwile ngakusasa.
“Ucingo lokuqala ngaluthola ngoLwesihlanu ngifonelwa ngabantu engingabazi bethi kumele ngikhiphe uR100 000 ukuze bangibuyisele umakoti wami. Kwaqala lapho ukuphithana ikhanda ngoba ngangingasazi ukuthi ngizokwenzenjani,” kuchaza uMaqa.
Uthe waqhubeka wayolanda inkomo, iziklabhu nembuzi ngoba wayesanethemba lokuthi uzoqhubeka umcimbi.
Uveze ukuthi ithawula uze waliphonsa ngemuva kokukhuluma nesithandwa sakhe ocingweni, lapho esimtshela khona ukuthi sithunjwe ngabantu abathathu futhi sebesiphuzise notshwala.
Uthe besimnxenxa ukuthi ayihlanganise imali ngokushesha.
“Kwaze kwasa engabuyile, lacishe lashona ilanga sekucaca ukuthi kuzohlwa abantu bengadlile ngoba kwase kusobala ukuthi kawusekho umcimbi. Sathatha isinqumo sokuthi sizihlabe iziklabhu ukuze kudliwe nami ngazigqokela isudi yami engangizohloba ngayo," usho kanje.
UMaqa nesithandwa sakhe abese benonyaka bethandana naso basaqhubeka nokuxhumana ngocingo njengoba leli phephandaba liyibonile imiyalezo abebethumelana yona.
Inkomo nembuzi obekuzohlatshelwa emcimbini bekusekhona ngesikhathi ithimba lezintatheli lihambele khona. Ngisho ikhekhe lomcimbi belingakasikwa.
Unina kaMaqa, uNkk Sibongile Mjodi, uthe abasazi bona lesi simanga abasenzelwe ngumakoti enyamalala ngomzuzu wokugcina.
“Ngiphelelwe ngamandla, ngagula uma sengizwa ukuthi umakoti usenyamalele ekubeni kwase kufike zonke izihlobo, ngisho ezisuka eKapa zizomzimazisa. Selokhu ngazalwa bengingakaze ngiyizwe into efana nale, eyehlele indodana yami,” kubalisa uNkk Mjodi.
Ebuzwa ngesigameko uNksz Lungile Cele (ingoduso) ongowakhona endaweni, uthe ulivulile icala kodwa bebengakamthumeleli inamba yecala.
“Ngisathuthumela ngokungehlele. Angikakabi sesimweni sokukhuluma. Kuthe uma exinwe ngeminye imibuzo, wathi: “Ngangingeke ngisho kodwa kusenesikhathi uma ngingafuni ukuthi angicele. Ibihlungu le nto yokuthi angikholakali ekubeni la madoda ayengithumbile ayelokhu ebuza ngezingane zami.”
Ubebonakala ebusweni uMaqa ukuthi inhliziyo igaya izibozi njengoba ebelokhu ekhale njalo ngemali yakhe emlahlekele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, uthe uthe akukho akutholayo mayelana nalolu daba.